UMnumzane Dlamini udidekile ngoba isangoma sifuna enze umhlabelo ngokubulala unkosikazi. U-Amanda ushaqekile emuva kokunukubezwa nguyise. UNkosikazi Khumalo ubheka ingane ayizala kodwa wayinika uMaXaba ukuba ayikhulise. USenzo uphenduka umbulali emuva kokuphuka kwenhliziyo. UZanele ubheka umsebenzi, unina kanye nempilo engcono. UNkosikazi Gwambi ufuna indodana yakhe ishade nentombazane ayikhethele yona. Nazi nezigebengu ezingo Mbazo noSpikili zilindele ukwenza noma yini ukuze zithole imali. Funda lomdlalo weshashalazi uzizwele ukuthi kuphela kanjani.
Abalingisi
Mnu Khumalo – Ubaba wekhaya lakwaKhumalo
Nkk Khumalo – Umama wekhaya lalwaKhumalo
Smangele – Indodakazi kaMnu no Nksz Khumalo, uphethwe isifo somdlavuza wengqondo
Nkk Dlamini – Umama wekhaya lakwaDlamini
Mnu Dlamini – Ubaba wekhaya lakwaDlamini
Sanelisiwe – Indodakazi kaMnu no Nkz Dlamini endala
Amanda – Indodakazi kaMnu no Nkz Dlamini encane
Gogo – Ugogo kaSanelisiwe no-Amanda, umama kaNkz Dlamini
Mnu Gwambi – Ubaba wekhaya lakwaGwambi
Nksz Gwambi – Umama wekhaya lakwaGwambi
Senzo – Insizwa yakwaGwambi ethandana no Amanda
Zanele – Intokazi eyalahlwa abazali bayo isencane yakhuliswa uMaXaba
TK – Insizwa ethandana noZanele
Enzoh – Indodana kaTK noZanele
MaXaba – Umama owathatha uZanele esemncane wamkhulisa kabuhlungu
Jacob – Insizwa engoyokufika la eNingizimu Africa, ivela eNigeria, uthandana no Sanelisiwe
Dokotela – UDokotela oxilonga abantu esibhedlela
Isangoma – Isangoma esihlolela abadinga ukuhlolelwa kulomdlalo weshashalazi
Phoyisa 1 – Iphoyisa
Phoyisa 2 – Iphoyisa
Spikili – Isigebengu
Mbazo – Isigebengu
Sipho –Indodana kaMaXaba
Boyzen – Umngani kaTK
Mbili – Umnikazi wendawo yokudlela iMount Nebo
Ummeli – Umumeli kaMnu Dlamini