Emzini kaMaXaba

Zanele: Ngicela ukubuza, Mama.

MaXaba: Buza, akekho okuvimbile.

Zanele: Mama, ngabe usanayo inombolo yocingo ye-social worker elalingifundisa?

MaXaba: Uzolenzani lelo-social worker ngoba phela lakwenzela umusa kodwa wena walibonga ngokuzala? Wasimosha wena Zanele ngoba kusukela lapho aliphindaka lasifakela imali yokudla. Saqala ukusokola ngenxa yakho nokuzala kwakho, Zanele.

Zanele: Ngifisa ukulibonga leliya-social worker ngakho konke elangezela khona. Futhi ngifuna nokuxolisa ngokumosha imali yalo.

MaXaba: Hhayi, Zanele, awuyeke umntanomuntu ngoba wakwenzela lukhulu kodwa wena wamosha yonke imisebenzi yakhe emihle. Unenhliziyo enhle loya muntu noma ephilisa okomulungu nje. Wena wakucosha phansi ema-toilet ulahliwe ngabazali bakho. Wasinika wena ngoba sasingabatholi abantwana, kanti ungipha wena nje ngangingazi ukuthi sengikhulelwe uSipho.

Zanele: Awungiphindasanga ngani pho kuma-social worker?

MaXaba: Habe! Nayi imihlola bo! Phela leliya-social worker lalikondla. Lalifaka imali njalo uma kuphela inyanga. Yayingisiza kakhulu leyo mali.

Zanele: Ngiyafisa ukulibona, Mama. Uyazi bancane abantu abafana nalo emhlabeni.

MaXaba: Ngizoyibheka inombolo yalo. Mhlawumbe uma ungaxolisa kulo lingaphinda futhi lisondle. Mhlawumbe selashona nje? Jesu!

***