Ehhovisi Lomumeli

(Kufundwa i-will kaMnu Dlamini ukuze kucazwe kahle amafa akhe)

Ummeli: Ngibone ukuthi anginganibambezeli ngoba ngilungiselela ukuya eLondon ntambama. Ngibone ukuthi kungcono ngizonifundela i-will kaMnumzane Dlamini namhlanje. Namanje angikakholwa ukuthi akasekho emhlabeni, angeke ngisambona engena ehhovisi lami. Sengathi angaphumula ngoxolo.

Gogo: Siyabonga, mntanami.

Ummeli: UMnumzane Dlamini uyishiye ngendlela engajwayelekile i-will yakhe. Ifundeka kanje: ‘U 50% wezinto zami zonke ngiwunika unkosikazi wami. U 20% ngiwunika indodakazi yami engayithola kuThulile Mbizeni ngo 1998 engingaphindanga ngambona emuva kokuba akhulelwe. U 30% ngiwunika indodakazi yami ezoshada kuqala phakathi kuka-Amanda noSanelisiwe.’

Amanda: Hhayi Bo! Ubaba ubenenye ingane?

Nkk Dlamini: Nami bengingazi ukuthi uyihlo unenye ingane bantabami.

Sanelisiwe: Lo 30% kusho ukuthi ungowami ngoba imina umuntu osemalungiselweni okushada!

Gogo: Mmm imali kamkhwenyana izodliwa ilomuntu wakho waseNigeria? Angimthembi lomuntu wakho, Sanelisiwe.

***