Emzini wakwaDlamini, ntambama

Nkk Dlamini: Amanda, waphansi kangaka mtanami kwenzenjani?

Amanda: Hhayi, Mama, ngiqalwa umkhuhlane nje. Kubuhlungu umzimba.

Nkk Dlamini: Sengathi igazi nje leli consi engilibona phansi?

Amanda: Ngiyaxolisa, Mama, ngingene kuma-periods ngokushesha.

Nkk Dlamini: Angilifuni inuku kwami, Amanda. Please ungawungcolisi umuzi wami ngobunuku.

Amanda: Ngiyaxolisa, Mama!

Nkk Dlamini: Hhayi bo! Ukhalelani, Amanda?

(Kungena uMnu Dlamini)

Mnu Dlamini: Hhayi, nkosikazi, awuyeke ukukhalisa umntanami.

Nkk Dlamini: Hhayi baba, akakhaliswa imina. Awume kancane ngikuchazele ukuthi kwenzenjani.

Mnu Dlamini: Angifuni nokuzwa, nkosikazi. Wena nje into ongayenza ukuthi uhambe uyongivulela amanzi okugeza. Angazi noma sekufanele nokuvula amanzi okugeza kube yinto engizenzela yona yini?

Nkk Dlamini: Hhayi, baba, angisho kanjalo. Ngizokuvulela amanzi okugeza.

(Usuka angene e-bathroom uNkk Dlamini. Ushintsha ebusweni uMnu Dlamini, adinwe. Ubuka u-Amanda ezinhlamvini zamehlo)

Mnu Dlamini: Wena, Amanda, sula lezo zinyembezi njengamanje! Uthule du! Lento eyenzekile ngithi kuwena uyoze ungene nayo egodini ungayitshelanga muntu. Uyezwa?

(Uvuma ngekhanda u-Amanda. Achiphize izinyembezi)

***