Ebumnyameni, ekhoneni lomgwaqo elokishini

Senzo: Sho majita nginomsebenzi wenu esheshayo. Ngizoninika u R20 000. Ngifuna ningicishele uDlamini namhlanje.

Spikili: Awu ngeke! UDlamini uyindoda e-powerful kakhulu. Kufanele unezele imali, mfwethu, noma ngo R30 000 ngaphezulu.

Mbazo: Ya, mfwethu! Akube u R 50 000 noma sizohamba siyomtshela uDlamini khona manje ukuthi wena uhlanganisa inombolo yokuthi agqashuke.

Senzo: Kulungile! Kulungile majita ngizoninika wona u R 50 000! Kodwa ngifuna niyenze lento on one condition.

Spikili: What condition?

Senzo: Nami ngifuna ukuhamba nani. Ngifuna ukumbona efa losathane onguDlamini.

***