Emotweni kaSenzo

Amanda: Uyazi, Senzo, angazi noma ngizothi ubungizibile noma kanjani?

Senzo: Ukhuluma ngani manje, Amanda? Usuqalile-ke!

Amanda: Ngidlwenguliwe, uyakhumbula? Ngashonelwa ubaba wami owangidlwengula. I needed your support more than ever, Senzo. Where were you?

Senzo: Nami ngihlukumezekile, Amanda. Bengikuthanda kakhulu kodwa ubaba wakho wawamosha wonke ama-plans ethu.

Amanda: Uchaza ukuthini uma uthi ubungithanda? Kusho ukuthi manje awusangithandi?

Senzo: Ngi… ngisakuthanda kodwa akusafani nakuqala. Konke sekumoshekile, Amanda. Uma ngikubuka ngicabanga ubaba wakho ephezu kwakho. Kunzima nakumina, ngizocela unginike isikhathi ngizame ukwamukela isimo.

Amanda: Isikhathi! Senzo u-selfish! What about me? Uzicabangela wena wedwa. Uthini ngalezi zinto ezingehlekele mina? Ngiyabuza? Ubaba ungidlwengulile futhi efeni lakhe akangishiyelanga lutho!

Senzo: Uchaza ukuthini uma uthi akakushiyelanga lutho ubaba wakho? Uyenza kanjani into enjalo emuva kwayo yonke into ayenzile kuwena? Ubaba wakho ubeyinja ephila, uyinja noma esefile!

Amanda: Ushiyele ingane esingayazi u 20%. U 30% uwushiyele thina noSanelisiwe kodwa uzotholwa yilowo ozoshada kuqala phakathi kwethu.

Senzo: Kuyaziwa ukuthi usisi wakho nalomuntu wakhe waseNigeria ibona phela abazoshada.

Amanda: Yebo okusho ukuthi mina angitholi lutho!

Senzo: Kuyoze kube nini abantu bedlala ngawe, Amanda? Bethatha i-advantage kuwena? Isona isikhathi sokuthi uzimele nawe manje.

Amanda: Uchaza ukuthini?

Senzo: Kufanele siwumise lomshado kadadewenu noJacob.

Amanda: Siwumise kanjani ngoba labantu bathandana kakhulu, hhayi kancane?

Senzo: UJacob akaye ejele. Vele mhlawumbe uyena obulele ubaba wakho. Uyakhumbula ukuthi ubaba wakho ubengamufuni kanjani? Kodwa dukuduku sebeshiyelwa imali! Icabangisise lento. Bayizigebengu phela labantu bangaphandle ikakhulukazi laba baseNigeria.

Amanda: Uyazi uqinisile, uJacob ufuna ukubaleka nosisi wami kanye nemali kababa.

Senzo: Wena hlanganisa i-dinner eMount Nebo. Kuzoba imina, uwena, uSanelisiwe noJacob. Ngifuna ukumvukuza kahle uJacob ukuthi uyisima kanjani?

Amanda: Kulungile, ngizohlanganisa.

***