Emotweni kaSenzo
Amanda: Uyazi, Senzo, angazi noma ngizothi ubungizibile noma kanjani?
Senzo: Ukhuluma ngani manje, Amanda? Usuqalile-ke!
Amanda: Ngidlwenguliwe, uyakhumbula? Ngashonelwa ubaba wami owangidlwengula. I needed your support more than ever, Senzo. Where were you?
Senzo: Nami ngihlukumezekile, Amanda. Bengikuthanda kakhulu kodwa ubaba wakho wawamosha wonke ama-plans ethu.
Amanda: Uchaza ukuthini uma uthi ubungithanda? Kusho ukuthi manje awusangithandi?
Senzo: Ngi… ngisakuthanda kodwa akusafani nakuqala. Konke sekumoshekile, Amanda. Uma ngikubuka ngicabanga ubaba wakho ephezu kwakho. Kunzima nakumina, ngizocela unginike isikhathi ngizame ukwamukela isimo.
Amanda: Isikhathi! Senzo u-selfish! What about me? Uzicabangela wena wedwa. Uthini ngalezi zinto ezingehlekele mina? Ngiyabuza? Ubaba ungidlwengulile futhi efeni lakhe akangishiyelanga lutho!
Senzo: Uchaza ukuthini uma uthi akakushiyelanga lutho ubaba wakho? Uyenza kanjani into enjalo emuva kwayo yonke into ayenzile kuwena? Ubaba wakho ubeyinja ephila, uyinja noma esefile!
Amanda: Ushiyele ingane esingayazi u 20%. U 30% uwushiyele thina noSanelisiwe kodwa uzotholwa yilowo ozoshada kuqala phakathi kwethu.
Senzo: Kuyaziwa ukuthi usisi wakho nalomuntu wakhe waseNigeria ibona phela abazoshada.
Amanda: Yebo okusho ukuthi mina angitholi lutho!
Senzo: Kuyoze kube nini abantu bedlala ngawe, Amanda? Bethatha i-advantage kuwena? Isona isikhathi sokuthi uzimele nawe manje.
Amanda: Uchaza ukuthini?
Senzo: Kufanele siwumise lomshado kadadewenu noJacob.
Amanda: Siwumise kanjani ngoba labantu bathandana kakhulu, hhayi kancane?
Senzo: UJacob akaye ejele. Vele mhlawumbe uyena obulele ubaba wakho. Uyakhumbula ukuthi ubaba wakho ubengamufuni kanjani? Kodwa dukuduku sebeshiyelwa imali! Icabangisise lento. Bayizigebengu phela labantu bangaphandle ikakhulukazi laba baseNigeria.
Amanda: Uyazi uqinisile, uJacob ufuna ukubaleka nosisi wami kanye nemali kababa.
Senzo: Wena hlanganisa i-dinner eMount Nebo. Kuzoba imina, uwena, uSanelisiwe noJacob. Ngifuna ukumvukuza kahle uJacob ukuthi uyisima kanjani?
Amanda: Kulungile, ngizohlanganisa.