Emotweni kaSenzo

Amanda: UJacob ubuyile. Kusho ukuthi umshado uyaqhubeka. Kuyacaca nokuthi akamubulalanga ubaba. Ngizibuza ngiziphendula ukuthi kanti ubani owabulala ubaba?

Senzo: Hhayi angiyikholwa lento! Emuva komsebenzi wami omngaka!

Amanda: Muphi umsebenzi? Ukhuluma ngani, Senzo?

Senzo: Lutho, Amanda. Kodwa kukhona into engitshelayo ukuthi uJacob nguye umbulali. Sidinga icebo lokumisa umshado walaba ngoba nami ngifuna ukukushada kuqala.

Amanda: Ufuna ukungishada? Lithini icebo lakho, sthandwa sami?

Senzo: Ngizokunika iphilisi ozolifaka kujusi unike uSanelisiwe aphuze. Uma eseliphuzile uzophathwa ikhanda elizomulalisa esibhedlela isonto lonke. Lokho kuzosisiza nathi ngoba sizokwazi ukulungiselela umshado wethu.

Amanda: Hhayi ngeke! Esibhedlela pho? Ngeke limulimaze nje leli philisi? Phela ngiyamthanda udadewethu, angifuni alimale. Angiyizwa kahle lento, Senzo. Kungcono sibayeke bashade.

Senzo: Inkinga yakho ukuthi uhlezi ucabangela abantu abangakucabangeli. Ubaba wakho wakudlwengula, kwathuleka. Udinga ukuthola ifa lakhe ukuze uzimele nawe.

Amanda: Uqinisile, futhi nje angimufuni lomuntu waseNigeria emalini kababa!

Senzo: Thatha nali iphilisi, sthandwa sami. Khumbula ukuthi lento siyenzela thina nekusasa lethu. Umfakele namhlanje khona kuzoshesha kwenzeke zonke izinto.

(U-Amanda uphuma emotweni kaSenzo, angene endlini)

Amanda: Mtaka ma! Njengoba esebuyile uJacob sishadisa nini?

Sanelisiwe: Maduze. UJacob uthi asivele sishade enkantolo, sikhohlwe umshado omkhulu.

Amanda: Hawu! Ngobani? Nijaheni vele?

Sanelisiwe: Ngiyamthanda uJacob futhi naye uyangithanda.

Amanda: Ngabe lokhu kusheshisa kwenu kumayelana nefa likababa?

Sanelisiwe: Uyisho kanjani into enjalo, Amanda? Mina noJacob besivele sifuna ukushada ingakafiki indaba yefa.

Amanda: Ngiyaxolisa ukukhuluma kabi, sisi. Kuphunyuke ulimu. Awuthi ngikuthelele ujusi. Ngifuna ungixoxele kahle ukuthi ubona ngani ukuthi uJacob uwubambo lwakho.

Sanelisiwe: Ngiyezwa, sisi wami. Thela ujusi lowo ufake namaqhwa amaningi ngoba kuyashisa.

(U-Amanda ugaya iphilisi, alifake kujusi agcwalise ngamaqhwa)

Sanelisiwe: Ngiyamuthanda lomuntu waseNigeria anginandaba nokuthi abantu bathini!

Amanda: Wenza kahle wena dadewethu ungabanaki abantu. Into ebalulekile injabulo yakho. Mina, nayi ijusi yakho.

Sanelisiwe: Ngiyabonga. Uyazi, kade ngomiwe kungcono ukube ubungithelele engilazini enkulu.

Amanda: Hawu! Waminya kangaka? Kanti ubuwomiwe ngempela njengoba ungasho nje?

Sanelisiwe: Bengomiwe kakhulu. Awuthi ngifonele uJacob ngimbuze ukuthi ngempela usafuna yini ukushada nami.

Amanda: Hhayi-ke angikaze ngiyizwe into enjalo! Usudlala ukutatazela-ke manje.

Sanelisiwe: Sisi wami, ungabomethemba umuntu wesilisa ngoba ungumalala ephunduka.

(Usukuma adiyazele ashayeke phansi uSanelisiwe)

Amanda: Mama! Mama! Nangu uSane equleka!

Nkk Dlamini: Kwenzekeni? Hhayi bo! Uphuma igazi ngamakhala!

Amanda: Angazi nami! Besixoxa wavele wasukuma wawa!

***