Endaweni yokudla edolobheni

Senzo: Ngiyaxolisa ngokunyamalala isikhathi eside, sthandwa sami. Bengisaxakekile.

Zanele: Kungcono siyiyeke lento, Senzo. Nabangani bami bashilo ukuthi vele wena ngeke uthande umuntu ofana nami, angisiyona i-type yakho.

Senzo: Ayikho leyonto, Zanele, mina ngikuthanda ngenhliziyo yami yonke.

(Kukhala ifoni)

Senzo: Hello! Ngizobuye ngibuyele kuwena Amanda. Ngisematasa.

Zanele: Uyabona-ke. Ubani manje u-Amanda?

Senzo: Usisi wami u-Amanda.

(USenzo uguqa phansi, akhiphe indandatho)

Senzo: Ngicela ungishade, Zanele. Izingane zakho sizozikhulisa sobabili, futhi ngizokubuyisela esikoleni ngikuthengele nomuzi.

Zanele: Unesiqiniseko sokuthi ufuna ukungishada, Senzo?

Senzo: Yebo. Ngiyakuthanda, Zanele!

Zanele: Yebo! Yebo, ngiyavuma!

***