Emzini wakwaDlamini, emuva kwehora

(Zingena zilandelana izigebengu ezimbili ezingu Spikili no Mbazo)

Mbazo: Sesikhona! Mubambe mfwethu! Sheshisa, ayeza amaphoyisa!

Amanda: Kwenzakalani? Nimenzani uMama?

Spikili: Vala umlomo wakho wena, Amanda! Sithunyiwe uSenzo la!

Nkk Dlamini: Ngenziwani kodwa? Amanda mntanami kuyokubutha ukuhlwa! Nami ungibulalela ifa pho?

Spikili: Nazoke! Mjove, mphinde futhi mfwethu! Mjove kathathu, ayeza maphoyisa!

Amanda: Nkosi yami ngenzeni? Nimjovelani umama? Myekeni ngiboshelwe izono zami!

(Kutheleka amaphoyisa egcekeni. Kuzwakala ukungqongqoza kwamaphoyisa)

Phoyisa 1: Vulani bo!

Amanda: Phumani ngesicabha sasekhishini ngokushesha! Ngiyeza khona manje, ngizodukisa umkhondo emaphoyiseni!

(U-Amanda uqaqa intambo ekuboshwe ngayo unina maqede avule isicabha)

Phoyisa 2: Yini wathatha isikhathi eside kangaka ukuvula isicabha?

Amanda: Angizwanga?

Phoyisa 2: Uwena u-Amanda?

Amanda: Yebo.

Phoyisa 2: Sifonelwe uNkosikazi Dlamini ethi asizokubopha ngokubulala ubaba wakho nodadewenu nibanga ifa!

Amanda: Akunjalo phoyisa. Ningazibuzela kuyena umama kodwa akaphilile kahle ekhanda selokhu kushone ubaba nodadewethu. Udidekile engqondweni

Phoyisa 2: Nkosikazi Dlamini! Unjani?

(Ugqolozele ubala uNkk Dlamini. Ujuza amathe, umjovo usuyasebenza)

Nkk Dlamini: Sane, baba, zoyishaya. Bha bha bha bha.

Phoyisa 1: Ngempela uphithene ikhanda lomuntu. Asihambe.

Phoyisa 2: Kukhona okushaya amanzi kodwa la. Lomuntu ubezwakala ephilile ngesikhathi esifonela.

Phoyisa 1: Hhayi asihambe mfwethu. Muningi umsebenzi osilindile, ayikho lento esiyizele la. Siyaxolisa, sisi. Kufanele nimutholele isibhedlela sabantu abagula ngengqondo ngokushesha angaze akulimaze. Uvale nesicabha ukuze angabaleki agcwale umgwaqo.

Amanda: Ngizokwenza kanjalo. Ngiyabonga.

***