Emzini wakwaDlamini, emuva kwehora
(Zingena zilandelana izigebengu ezimbili ezingu Spikili no Mbazo)
Mbazo: Sesikhona! Mubambe mfwethu! Sheshisa, ayeza amaphoyisa!
Amanda: Kwenzakalani? Nimenzani uMama?
Spikili: Vala umlomo wakho wena, Amanda! Sithunyiwe uSenzo la!
Nkk Dlamini: Ngenziwani kodwa? Amanda mntanami kuyokubutha ukuhlwa! Nami ungibulalela ifa pho?
Spikili: Nazoke! Mjove, mphinde futhi mfwethu! Mjove kathathu, ayeza maphoyisa!
Amanda: Nkosi yami ngenzeni? Nimjovelani umama? Myekeni ngiboshelwe izono zami!
(Kutheleka amaphoyisa egcekeni. Kuzwakala ukungqongqoza kwamaphoyisa)
Phoyisa 1: Vulani bo!
Amanda: Phumani ngesicabha sasekhishini ngokushesha! Ngiyeza khona manje, ngizodukisa umkhondo emaphoyiseni!
(U-Amanda uqaqa intambo ekuboshwe ngayo unina maqede avule isicabha)
Phoyisa 2: Yini wathatha isikhathi eside kangaka ukuvula isicabha?
Amanda: Angizwanga?
Phoyisa 2: Uwena u-Amanda?
Amanda: Yebo.
Phoyisa 2: Sifonelwe uNkosikazi Dlamini ethi asizokubopha ngokubulala ubaba wakho nodadewenu nibanga ifa!
Amanda: Akunjalo phoyisa. Ningazibuzela kuyena umama kodwa akaphilile kahle ekhanda selokhu kushone ubaba nodadewethu. Udidekile engqondweni
Phoyisa 2: Nkosikazi Dlamini! Unjani?
(Ugqolozele ubala uNkk Dlamini. Ujuza amathe, umjovo usuyasebenza)
Nkk Dlamini: Sane, baba, zoyishaya. Bha bha bha bha.
Phoyisa 1: Ngempela uphithene ikhanda lomuntu. Asihambe.
Phoyisa 2: Kukhona okushaya amanzi kodwa la. Lomuntu ubezwakala ephilile ngesikhathi esifonela.
Phoyisa 1: Hhayi asihambe mfwethu. Muningi umsebenzi osilindile, ayikho lento esiyizele la. Siyaxolisa, sisi. Kufanele nimutholele isibhedlela sabantu abagula ngengqondo ngokushesha angaze akulimaze. Uvale nesicabha ukuze angabaleki agcwale umgwaqo.
Amanda: Ngizokwenza kanjalo. Ngiyabonga.