Ehhovisini likaMnu Khumalo elisedolobheni

(Kukhala isicabha, kukhona ongqongqozayo)

Mnu Khumalo: Ngena!

Zanele: Sawubona, Mnumzane.

Mnu Khumalo: Yebo, ngingakusiza?

Zanele: Yebo, Mnumzane. Ngihamba ngibheka umsebenzi. Ngabe ninazo izikhala?

Mnu Khumalo: Unamaphi ama-qualifications?

Zanele: Empeleni angiqedanga esikoleni, Mnumzane.

Mnu Khumalo: Akuve ngimuzonda umuntu oqala into angayiqedi. Kodwa ikhona indlela engicabanga ukuthi singasizana ngayo.

(UMnu Khumalo ubuka uZanele ngamehlo okumlangazelela)

Mnu Khumalo: Uma uzovuma ukungisiza nami ngizokusiza.

Zanele: Usho kanjani, Mnumzane? Yebo uma ngiwuthola umsebenzi ngizokusiza ngokusebenza ngokuzikhandla.

(UMnu Khumalo uyasondela, ahambise isandla sakhe okhalweni lukaZanele)

Zanele: Hawu, Mnumzane! Wenzani manje?

Mnu Khumalo: Ungazozenza ingane la wena. Ngiyazi uyawudinga umsebenzi. Mina ngizokunika imoto kanye nendawo yokuhlala.

Zanele: Ngempela, Mnumzane?

Mnu Khumalo: Ehhe.

(UMr Khumalo unyusa isiketi sikaZanele, amlale)

***