UZamani noGogo wakhe bayahlupheka. Ngendlela okunzima ngayo emzini wakwaKhuzwayo uZamani akakwazanga ukuqeda esikoleni, athole umatikuletsheni. Kodwa unesiphiwo sokudweba uZamani. Kuthi uma isimo siqhubeka siba nzima uZamani abone ukuthi kufanele ashiye uGogo, azame ukuyophanta edolobheni. Uthola ukuthi sinzima isimo nasedolobheni. Uzokwenza kanjani ukuthi athole impumelelo uZamani? Uzokwenza kanjani ukuthi agcine ethandana noSnethemba, umakhelwane wakhe endaweni eyimijindolo azithola ehlala kuyona uma efika edolobheni?
This story is also available in English: Hustle to Hope