Uhlala izinsukwana engakajwayeli muntu eSnake Park uZamani. Kodwa kuthi mahlayeni ajwayelane noZenzele. Uthe ukukhula uZenzele kunoZamani kanti futhi ungumuntu okhubazekile – uhamba ngezinduku. Kuningi abafanayo ngakho benoZenzele njengokuthi bobabili basuka emaphandleni bezozama impilo engcono eThekwini. Namhlanje bahleli ngaphansi kwesihlahla sikamango ngemuva komjondolo kaZenzele.

“Ngidinga umsebenzi, Zenzele. Kunzima, mfwethu,” kusho uZamani.

“Awusho, Zamani, ngempela ucabanga ukuthi uyoceba ngokuqashwa umlungu? Kulezinsuku zamanje kufanele usebenzise izandla kanye nengqondo ukuze wenze imali,” kubeka uZenzele.

“Kanjani kodwa?” kubuza uZamani ngexhala.

“Ngifisa sengathi ngingaphindisela isikhathi emuva ngibe ngangawe ngeminyaka. Kuningi ebengizokwenza kulezi zikhathi zamanje.”

“Ngitshele ukuthi kwenziwa kanjani mina ngizokwenza. Ngifuna ukuphumelela.”

“Uyayibona leyanto elaphaya?” UZenzele ukhomba inqola ngenye yezinduku zakhe zokuhamba.

“Yebo ngiyayibona,” kusho uZamani.

“Ngangenza imali eningi kabi ngayo lenqola kudala ngisaphila. Ngangiya edolobheni ngilinde abantu abathenge izimpahla ezingi ezitolo. Ngangibakhokhisa ngokubathwalela izimpahla zabo ngenqola ngizisusa ezitolo ngiye erenki.”

UZamani usondela enqoleni. Uyayidonsa aphinde ayidudule.

“Yona iyaphila. Idinga nje ukuthi ufake amafutha emasondweni. Ungayisebenzisa ukuze uthole imadlana.”

“Ngiyabonga, mfwethu. Kusasa ngizovukela khona ePinetown.”

“Nazoke! Iyona into ebengikhuluma ngayo le! Phanta, mfwethu!”

Ingqondo kaZamani igcwele ithemba njengoba ebuyela emjondolo ahlala kuwo. Uhamba eyiqhuba inqola ezindleleni eziphakathi nemijondolo. Uyabona ukuthi amasondo enqola abekade eqinile ngoba kade yagcina ukusetshenziswa.

Uzizwa enogqozi lokudweba uma ufika emjondolo ahlala kuwo. Uthatha ibhuku lakhe lokudweba, adwebe indawo yaseSnake Park. Udweba isikhathi eside, agcine esephethwe ikhanda.

“Ngilambile ke manje,” usho eziphuthaza amaphakethe.

Angasebenzisa upondo oseceleni kuphela ngoba kufanele agibele itekisi ekuseni. Kufanele akhokhele nomngani kaZenzele ohlala ePinetown ozomgadela inqola ebusuku. Uvele athenge igwinya ngopondo.

UZamani sekukhona intombazane enhle ayibeke iso ehlala emjondolo oseceleni nowakhe. Igama layo nguSnethemba, intokazi enomzimba ofudumele ngempela. Ihlala nonina bobabili. Inkinga ekhona ukuthi uZamani uvele angenwe igwababa uma sekumele akhulume nayo. Uke azithole emamatheka uma ezwa uSnethemba ekhuluma nonina. Kuvele kuthi cosololo enhliziyweni kuZamani uma emuzwa ehleka uSnethemba.

“Ngempela, Ma?” kusho uSnethemba ehleka nonina.

Luvele lukhule manje uthando lwalentokazi. Ukuhleka kwayo kumthinta emanonini. Uthi uma eyibuka abone ukuthi iyona eyovusa umuzi wakubo. Uvele ayicabange isinyathela ngabantwana egcekeni lakubo. Uyicabanga isifake iduku nephinifa, ikhwishizela emakhishini uma kunomcimbi. Empeleni uthi uma eyibuka ayicabangele izinto ezinhle zodwa.

Uyamamatheka ekuthuleni komjondolo wakhe, alalele uSnethemba exoxa nonina. Akanalutho emhlabeni uZamani, kodwa manje uzizwa sengathi unakho konke ngoba elalele uSnethemba ehleka.

***

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi kungenzeka ugcine ugwilikile ngokuqala kanjena: ngokuqala uqhube izinqola?