“Woza ngikuqhubele, ma!” kumemeza uZamani emi nenqola yakhe phambi kwakaBoxer.

Kuphuma abantu bephethe kabuhlungu bephuma ukuyothenga kwaBoxer. Kukhona nabanye ozakwabo abame eduze kwakhe, nabo baqhuba izinqola bayamemeza. Namhlanje nguMgqibelo wokuphala kwenyanga. Idolobha lasePinetown ligcwele liyachichima. Uzamani ubona umuntu wesimame etabalasa ekhokha ngaphakathi kwesitolo. Uphethe ingane lomuntu wesifazane kanti futhi uqhuba nenqola egcwele ukudla.

“Ngicela ukukuphathela mawakhe!” kuncenga uZamani njengoba esondela esezophuma lomuntu wesifazane.

“Imalini?” kubuza umuntu wesifazane.

Uyathula isikhashana esacabanga ukuthi abize malini. Ubengakaze ayicabange indaba yemali.

“Ngithe imalini bhuti? Anginalo ilanga lonke ngiyasindwa!”

“U R10,” kusho uZamani.

Uthatha izimpahla azifake enqoleni. Losisi usanda kubeletha. Ubonakala ngisho ehamba ukuthi lukhulu olumdlayo ngaphakathi. UZamani uqhuba inqola agcine efikile ematekisini aya eChatsworth.

“Nansi imali yakho. Ngiyabonga ngosizo lwakho,” kusho intombazane ikhipha imali engu R20.

“Anginawo ushintshi, dadewethu,” kusho uZamani etatazela.

“Kulungile ithathe yonke,” kusho losisi engena etekisini.

“Hawu, ngiyabonga kakhulu dadewethu! Kwande nalapho kuqhamuka khona,” kusho uZamani ngenjabulo.

Usuka egijima nenqola yakhe ephindela kwaBoxer. Injabulo imvale amehlo ngoba nakhu ucishe angene erobhothini livalile.

“Bhasobha!” kuthetha usomatekisi edlula ngesivinini.

“Ngiyaxolisa, bhuti!” kusho uZamani.

Liyavula irobhoti. Uwela abone indawo edayisa amagwinywa.

“Imalini amagwinya, sisi?” kubuza uZamani.

“R3 elihamba lodwa. R5 elihamba noshizi.” Kuphendula intokazi edayisa lapha esitolo.

“Ngicela elinoshizi.”

Alivalele esiswini igwinya, aphindele emsebenzini. Kuphela usuke eseyenzile imali engu R 150. Uthenga ukudla okuncane abone indlela ephindela eSnake Park.

Sekuntambama, sekuyahwalala. Selibahlanzile abantu idolobha. Kuthi esahamba eqonde erenki uZamani abone kuvumbuka izinsizwa ezine ebumnyameni.

“Hheyi wena, masaka! Usuka le osuka khona uzosiqedelela amakhasimende. Ithina esiqhubela abantu kwaBoxer!” kusho insinzwa eyodwa.

Kuthi esacabanga ukuthi uzophendula athini abone isibhakela simxhimfa emehlweni. Lezi zinsizwa ziyaqhubeka nokumshaya, zimkhahlela noMa esewumfunzana ezigoqile phansi.

“Bengingazi bafowethu ngicela ningixolele!” usho ezincengela uZamani.

“Letha la imali oyenzile!” kusho omunye.

“Awu bafowethu ningayenzi leyonto . . . nami ngiyaziphantela anginalutho,” kuncenga uZamani.

***

Sitshele umbono wakho: Iyakumangaza lento eyehlakalele uZamani, noma vele iyona ‘indlela izinto ezenzeka ngayo’?