UZamani usebenza ngokushesha ensimini. Akafuni ukuthi uMaDladla asale nendima enkulu azoyisebenza njengoba abuye aphathwe isifo samathambo. Uqeda ukulima, athathe izingubo zakhe aqonde emfuleni lapho wonke umuntu wasendaweni ewashela khona. Nakhona uphethe ucezu lwensipho engangozipho engancibilika esawashe izingubo ezimbalwa. Izingubo zakhe eziningi zidabukile. Ezinye zincishisiwe ngenxa yokuthi zinkulu kunaye, nazo waziphiwa ngumphathi wakhe uMhlongo. Phela muncanyana ngomzimba uZamani ngakho izimpahla aziphiwe azivamile ukumlingana, kuyaphoqa ukuthi azinciphise.

Ufica umngani wakhe, uSiphosethu, emfuleni.

“Kunjani nsizwa? Angisakwazi,” kubingelela uSiphosethu ngenjabulo.

“Ngikhona ntanga. Izinkomo zakwaMhlongo bezingibambe phansi ngingakwazi ukwenza lutho. Ekhaya ngihamba ekuseni ngibuye ntambama.”

“Ngizwa kuthiwa uyazidayisa izinkomo uMhlongo. Kuyiqiniso kangakanani lokho?” kubuza uSiphosethu eqhubeka ewasha.

“Impela kunjalo ntangayamashinga.”

USiphosethu uyama ukuyakaza isikibha amatasatasa naso. Unikina ikhanda, ukukhathazeka kugcwele ebusweni. “Manje uzokwenzenjani? Uzowuthola kuphi omunye umsebenzi.”

“NgoMsombuluko ngiyagibela ngiya eThekwini. Ngizohlala nomzala wami uThemba ngenkathi ngifuna umsebenzi ngakhona.”
“Yini ndaba ungaqhubeki nekhono lakho lokudweba? Akekho umuntu odweba kahle njengawe engimaziyo mina!”
“Ngiyabonga mfwethu. Kodwa ubani nje ongathenga izithombe zami?”

“Ungalilahli ithemba, mngani wami. Alilahlwa ithemba ngekhono, nkabi. Wayiphiwa nguMdali lento onayo.”
“Indaba yekhono iyinkinga ngoba ayikhokhi. Kumele ngizame indlela yokuphila eletha imali ngempela le eThekwini ukuze ngikwazi ukunakekela uGogo.”

Baqhubeke baxoxe ezabo zakudala besakhula. Amazwi kaSiphosethu alokhu ebuyile emicabangweni kaZamani. Kuthi uma eqeda ukuneka izingubo ezwe enelukuluku lokudweba.

Ungena elawini lakhe, athathe ibhuku lokudweba. Ucabanga umfanekiso wesithombe sikanina. Phela unina washona esamncane uZamani, enezinyanga ezimbili nje vo. Umfanekiso anawo kanina usesithombeni esidala asikhonjiswa nguMaDladla, kodwa kwakusona leso sithombe unina mncane kakhulu, wayesaneminyaka emithathu kuphela.

Uma emcabanga unina uzenzela owakhe umfanekiso womuntu wesifazane onomzimba futhi onomoya ophansi. Lokho ukususela ekutheni noMaDladla naye unomoya ophansi. Lokhu kokuthi unomzimba ingoba wayezohlezi engenzi lutho unina ngoba uZamani wayezomenzela yonke into. Ukudweba ubuso usizwa isithombe sikanina esidala eneminyaka emithathu. Naso asigqamile kahle kodwa uyaqhubeka khona kunjalo. Uqhubeka adwebe umfanekiso kanina, kuphume esihle isithombe lesi. Uphuma ngejubane elawini lakhe.

“Gogo! Gogo buka! Buka ngidwebe umama. Yisona sithombe enginaso emqondweni wami lesi,” kusho uZamani ekhombisa uMaDladla isithombe.

“Hawu Zamani! Udweba kahle! Unekhono elihle, mzukulu?”

“Ngiyabonga, Gogo. Ngelinye ilanga ngizoba umdwebi ovelele umhlaba wonke!”

“Wavele wangikhumbuza umntanami bandla,” kusho uMaDladla ngosizi.

“Gogo, bengingaqondile ukukuvusela amanxeba. Ngiyaxolisa.”

“Akulutho, mzukulu. Imicabango nje engatheni yesalukazi. Phaka nantu uphuthu udle. Uzovuthuzela ushukela ngaphezulu.”

“Ngiyabonga, Gogo. Phela amanzi asevele angilambisa,” kusho uZamani eguqa ngaseziko ephaka.

Kulomuzi kunezindlu zodaka ezimbili – ikhishi abaphekela kulo, kanye nelawu likaZamani. UMaDladla yena ulala khona ekhishini likalawondi nalo elingawa noma nini. Bobabili olawondi bafulelwe ngotshani. Umuhlwa usuyidle yonke imishawo. UZamani uqeda ukudla, aziphonse embhedeni. Ubuka uphahla, acabange ngempilo engcono ayifunayo.

 ***

Sitshele umbono wakho: Ngabe zikhona izindlela ozaziyo zokwenza imali ngekhono lokudweba? Noma mhlawumbe uZamani uqinisile ukuthi angeke uphile ngekhono lokudweba?