UZamani ugwaqazisa into azoyidla kwazise uhambe ekhaya engadlile. Izikelemu zilokhu zikhale njalo. Uthola isinkwa esidala. Uvula isiqandisi, athole ujamu. Ugcoba ujamu esinkweni, avalele esiswini. Liyamhlula iphunga elithaphuka la endlini. Uyaqalaza kodwa angaboni ukuthi liqhamuka kuphi iphunga.

Uzama ukuqoqa la endlini. Uthola amabhodlela obhiya kuwo wonke amakhona, awaqoqe awalahle emgqomeni ngaphandle. Usinki ugcwele izitsha ezingcolile, ezinye sezaze zalala ulwembu. Amabhodwe wona ayethosile ashiywa kanjalo engcolile. Uqeda ukuwasha izitsha, ashanele agcine ngokusula phansi.

Phela uMaDladla wamkhulisa kahle uZamani. Awukho umsebenzi angakwazi ukuwenza; ngisho ukuxova inhlama lokhu uyakwazi. Kushaya umoya endlini emuva kokuba ekhucululile uZamani. Akasalizwa naleliphunga ekade limuxakile.

Indlu kaThemba inesiqandisi esincanyana nesitofu ezinamaziko amabili. Kukhona umbhede kanye nekhabethe elincane abeka kulo ukudla. Izingubo zihlala kupulasitiki ekhoneni. Bese kuba izihlalo ezimbili kwelinye ikhona lendlu. Uthatha esisodwa isihlalo uZamani, ahlale phansi. Ukhipha ucingo, ashayele umngani wakhe uSiphosethu.

“Sipho, ngicela uyongitshelela ugogo ukuthi ngihambe kahle. Sengifikile eThekwini futhi sesitholene noThemba.”

“Kulungile ngizomtsh-”

Isiphelile i-airtime kuZamani.

Usacabanga ukuthi uzothathani ahlanganise nani ngesikhathi kungena uThemba endlini. Uphethe ubhiya ngamabhodlela amahlanu, uhamba namantombazane amabili adle ezincane iziketi lezi namakwayikwayi. Afake ubucwebe umzimba wonke. Uyabona nje ukuthi kade ephuza ngoba ayadiyazela.

Ayamamatheka amantombazane uma ebona uZamani.

“Zamani, uSli lona kanye noZitha,” kusho uThemba.

UZamani usacabanga ukuthi uzothini ngesikhathi ethuswa umsindo okhalela phezulu. UThemba usevulele i-bluetooth speaker ephethwe enye yamantombazane. Uqhubeka aqonde kwisiqandisi, afake ubhiya phakathi. Ubuya esiqandisini awuvulele kakhulu kunakuqala umsindo we-bluetooth speaker.

UZamani usehlezi uyisono esihlalweni. Phela ujwayele ukusheshe elale. Sekushaye ihora lesishiyagalombili ebusuku. Amaphunga otshwala nogwayi amphathisa ngekhanda.

Uyakukhumbula ukuthula kwelawu lakhe ekhaya. Ngesikade uThemba uyahamba noSli kanye noZitha. Kuba ukuphuma nje kwabo, andlale phansi, azisonge, alale.

***

Sitshele umbono wakho: Ngabe indlela aphila ngayo uThemba iyinto ejwayelekile nje kubantu abancane abaziphilela izimpilo zabo, noma iyindlela eyilimazayo impilo? Sichazele ngempendulo yakho.