Uvuka ekuseni ageze uZamani. Uthola isikhathi esanele sokuzibhucungula kulendawo yokugezela eyenzelwe abantu abaqashile kuleli gceke. UThemba ulele uyandonda embhedeni.

“Mzala, Vuka!” kusho uZamani emnyakazisa.

“Ngizovuka,” kusho uThemba ephindela ebuthongweni.

Ugqoka amadansane uZamani, aqonde emgwaqeni lapho kuma khona abantu abafesayo. UThemba umtshengisile izolo ngenkathi befika. Ufica kuhleli amaqoqo ngamaqoqo amadoda. Kukhona ngisho abokufika la ezweni. Livele liphele ithemba kuZamani uma ebona abantu abaningi kangaka. Ubona ukuthi mancane amathuba okuthi kukhethwe yena.

“Uyaqala yini ukuzofesa,” kubuza insizwa emi eduze kwakhe.

“Yebo,” kusho uZamani ephenduka.

Bathi besame kanjalo kume iveni entsha ceke. Bonke bayagijima basondele evenini. Kuphuma indoda emfishane, egcwele ngomzimba, esicabheni somshayeli.

“Wena. Nawe. Nawe!” kusho indoda yeveni ibakhomba ngomunwe esibakhethile ukuba bayisebenzele namuhla.

“Nawe futhi!” isho ikhomba uZamani.

“Mina?” kubuzisisa uZamani.

“Yebo, wena!” kugcizelela lendoda.

Basho phakathi evenini bonke abakhethiwe. Ishushuluza imoto igcine ifike eManzimtoti. Yinhle lendawo. Nomoya oshaya khona uheleza kamnandi.

“Saza sanenhlanhla majita!” kusho enye insizwa imamatheka.

Ngokuphazima kweso imoto ipaka phambi kwesithabathaba somuzi. Umnikazi weveni, ogcina ebatshelile ukuthi unguMpanza, uphuma evenini abakhombe ukuthi bamlandele.

“Ngifuna ningipendele umuzi wami ngaphandle. Nawu upende. Nanka amabhulashi nezitebhisi,” kusho uMpanza ekhomba zonke lezi zinto kuveranda.

Basho phezu kwawo umsebenzi. Akekho obuza umbuzo. Akekho obuza nokuthi bazohola malini. UZamani akakaze apende empilweni yakhe kodwa ungumuntu onengqondo ebamba ngokushesha. Uyamlalela umuntu ogada isithabathaba sikaMpanza ngesikhathi ebachazela futhi ebafundisa indlela okufanele bapende ngayo. Akuthathi isikhathi eside ngaphambi kokuba uZamani apende kangcono kunawo wonke omunye umuntu.

Emva kwamahora amathathu besebenza, kuqhamuka intombazane efake umfaniswano wokusebenza emakhishini iphethe opulasitiki ababili. Ifike ibashiye kuveranda opulasitiki. UZamani uyabona ukuthi kukhona izinkwa kanye no-polony kulabopulasitiki. Emuva kwemizuzwana embalwa intombazane ibuya iphethe ojeke abagcwele ijusi.

“Nakhu ukudla. Ningasondela,” isho iphindela endlini.

Basondela bonke ngokushesha. Badla bashaye esentwala, baqhubeke nomsebenzi.

Kuthi sekuzoshaya ihora lesine aqhamuke uMpanza. Ubukua umsebenzi wabo, avume ngekhanda, “Zinsizwa nizoqedela kusasa. Nansi imiholo yenu.”

Ubanika uR100 umsebenzi ngamunye. Ujabula afe uZamani. Nebala bagibela emotweni, ifike ngokushesha eNazareth.

Ufica uThemba engaphandle kwegumbi, amehlo egcwele ubuthongo. Kuyacaca ukuthi akayanga emsebenzini. Uhleli nentombane. Usagqoke izimpahla abelale ngazo. Ebusweni kuyabonakala ukuthi nokuthongo akabudelanga. Into exaka uZamani ngukuthi akuyona lena ebifike izono.

“Mzala, ugcine ungayanga emsebenzini?” kubuza uZamani ngokumangala.

“Ngihlulekile ukuvuka zalo. Sengiyobabona kusasa uma kuvukekile,” esho ethela isitifu sikagologo.

“Uzoxoshwa ugade. Ayikho imisebenzi lana ngaphandle,” kusho uZamani engena endlini.

“Hayi ngeke bangixoshe phela bayangidinga mzala.”

Endlini kungcole engathi akaze aqoqe uZamani.

“Kodwa nkosi yami. Angeke ngiyimele ke lento,” esho ethatha umshanelo. Aqede agoqoze uphuthu. Apheke nenyama ayithenge ngemali ayiholile namuhla. Umzimba uyankenketha. Kubuhlungu lonke ilunga lomzimba. Ikhanda ngathi liyamsinda. Umsindo wengoma unezezela lobubuhlungu abuzwayo. Usehleli nje esihlalweni uyangquphathela uyazela. UThemba akakugqizeqakala lokho.

“Mzala, nanku ukhiye uzolala emotweni phela kukhona umama wekhaya,” kusho uThemba emphosela ukhiye.

Aphume esenyobozela uZamani. Afike azithi shu ezihlalweni ezingemumva zemoto. Akakwazi ngisho ukulula izinyawo lezi ngenxa yobuncane bemoto. Akhumbule ilawu lakhe alishiye ekhaya. Akhumbule ugogo wakhe bandla. Akhumbule nendawo yangakubo yonkana.

***

Sitshele umbono wakho: Ngabe useyisidakwa (i-alcoholic) vele. Yini eyenza uphendule ngendlela ophendule ngayo?