Uma ngibuka indlela omakoti bethu abakhulisa ngayo ingane zethu, ngiyibona yehluke kakhulu kunendlela esakhuliswa ngayo thina.
Sikhule obaba besebenza emaGoli nase Thekwini, bengenasikhathi sokufundisa ingane. Obaba bebebuya kanye onyakeni noma beqise unyaka kodwa akukho obokungenzeki. Nempahla ibithengwa omama, bekwenzeka ubaba afike sekhonjiswa inkomo umama ayithengile noma imbuzi.
Umsebenzi wobaba beku ukusebenza bathumele imali komama emakhaya, omama bathathe imali bayisebenzise ngokwezidingo zegceke.
Sakhula sishawa thina, ingekho indaba yokuthi uma uganga kuthiwe uzokushaya ubaba. Ubunede ungabheda uthunywe emsam umama asale edonsa uswazi evala nesicabha ngemuva, uyibone into eyagibeza ikati esihlahleni.
Bayingcosana ethimbeni lethu lokushawa abenzi izinto eziphambene nemthetho yabazali babo, baganile odadewethu nabafowethu baganwa, bayingcosana abangena ophuzweni oludakanayo nogwayi. Ngyacabanga uma bekhona kulegegenge ehlala emigwaqeni ababaningi.
Kuningi esakufunda phansi kwesandla somama kodwa nginenkinga eyodwa eyokuthi angazi noma babesithanda yini uma ngibuka indlela omakoti bethu abakhulisa ngayo ingane zethu.
Kunomehluko phakathi kokudutshwa nokuthandwa, uma umuntu umdubile uyamyeka ungamkhalimi ahambe engena ezikhisini, abe umhlambi kazelusile nje, yonke into ayenze ngokuthanda kwakhe.
Siyinzalo yoswazi thina, besishawa emakhaya, ezikoleni, nayiwo wonke umuntu omdala okufica wenza okuphambene.
Ngasala nginombuzo mzukana kuvalwa induku ezikoleni nasemakhaya ukuthi, kungaba siyabulawa yini isizwe noma siyakhiwa?
Bangaki abanzali ababethi abashayelwa izingane zabo bayakwazi ukuzishayela abaxakwe izingane namhlanje?
Angikhohliwe ukuthi sakhula sishawa thina.