Kuzosa kube yinamuhla ngivuke nephupho
Leli phupho lisangixaka ngayoyonk’ indlela
Leli phupho liyangihluph’ emoyeni wami
Angazi ngingabhekana kanjani nalo

Sizwe sakith’ abantu bayakhala
Sikhul’ isililo eMzansi
Bayakhala abathuli baswel’ umesuli wezinyembezi zabo

Ngibon’ abantu bekhala
Bathi silamulele nakhu sifa
Sikhulumele nakhu siqotshwa singonanga
Bathi kungani bazondwa kangaka

Ngamandl’ ami obunyosi yib’ engingadlulisa ngayo umlayezo
Ngizodlulisa umlayezo wesizwe sakithi
Ngizodlulisa njengokuveza kwenu

Ephusheni lami ngibon’ impi kwezepolitiki
Ngibona kuqhutshekwa nokubulawa kwabesifazane
Kanti lomkhub’ uyophela nini?

Sanibonani baholi bethu sibhekeni
Sibhekeni njengoba nisuke nisihambela nisanxenxa amavoti kithi
Nqandani baholi bethu