Mama ngicel’ ukusho ukuth’ umsebenzi angiwutholi
Sengizamile kodwa luth’ ukuwuthola
Mama ngiyaz’ uthwele kanzima
Kwala noma ngicabang’ ukuthatha isinqum’ esinzima ngizikhuze
Ngithethise Mama kwedlule
Ngiyaz’ usingithatha njengomunt’ omosha ukudla
Mama nam’ angizenzi
Sengaphenduk’ iqaqa kubaqashi nakuwe

Mfowethu bekezela ngizowuthol’ umsebenzi
Ngisiz’ ungangihlebi komakoti
Mawungasizakali ngami ngoba kusasa kungawe
Ukusizakala kwakho ngam’ uNkulunkulu akathandi

Bafwethu ningangilahli ngingowakwenu
Awukh’ umgqomo wokulahla umuntu
Kungani mina nangilahlis’ okukadoti wayizolo
Uma ngihlupheka ngisizeni musan’ ukungihleka
Uma nginezinkinga nam’ angizenzanga

Ngitsheleni mndeni wami ngenzenjani
Ngifisa nokuphuma ngiyokhomba mhlawumbe ngizothol’ ukuhlonipheka
Selokhu ngalahlekelw’ itoho sengiyinhlwa
Sekwaphelelelaph’ ukuhlonishwa ngibizwe ngobhuti
Angisabuzwa nanokuthi ngisuthile yini

Sengihalel’ ukuba nesmilo senja ngenxa yenu zingane zakwethu
Nokuncane sekudlalela kimi ngoba ngiswele
Lezi zinyembezi ziyobuzwa kini
Lapho ngiyobe sengiphilis’ okweNkosi
Umsebenzi awubonwa ngixoleleni