Yazi nginesithandwa sami soqobo
Yazi nginegolide lesithandwa
Intokaz’ emamatheka kuvunguz’ umoya wenjabulo
Lapho ngivele ngizibonel’ ingelosi yoqobo

Uyaz’ uma ngimbona kuvele kuth’ angithi Mama
Ngiyazi bazothi ngidlisiwe
Kodwa kunan’ uma ngidliswa nguwe MaNdwandwe
Phela wen’ uyisibani sami

Zanele buka bheka
Bhek’ indodana yomunt’ ijabule kanjani ngawe
Selokhu wafika kweyam’ inhliziyo ngizizwa ngijabule
Abantu baze bathi ngikhuluphele ngoba ngidla kakhulu
Uma nginawe kweyam’ impilo ngingahlala kanjani ngingakhuluphali?
Angithi phel’ ungiphethe kahle
Mazwide uma ngikubuka ngivele ngifikelw’ isithombe sezinkomo zakithi
Zihlab’ inhlabaluhide zibheke kwaNdwandwe ziyongilandela wena
Ngingasilibal’ esikamukhwe wam’ egiya laph’ esho ukuth’ uzele intombi

Uthando lwakho luyangihlanyisa
Luvele luzibeke sengath’ idayimane
Ngigcina sengibon’ izimbangi zam’ ebezicashile
Lapho ngisho kahl’ ukuthi angeke zakunuka

MaNdwandwe wam’ umuhle
Awumuhle ngoba ngikuthanda
Keph’ umuhle ngokuba yikhethelo leyam’ inhliziyo
Zwide kaLanga ndoni yamanzi uyimbali yami

Hlale waz’ ukuthi uZothan’ uyazifela ngawe
Uma ngingakulahla ngabe ngiphuphuthekiswe yidlozi
Ngivumele ngithi Mama kuwe ngokub’ uMama kweyam’ inhliziyo
Ngikuph’ iziqu zekhethelo
Zimukel’ uziphathe kahle
Wen’ ungowami ngiyakuthanda