Ukube ngakhohlwa yikho konke ngabe impilo yami eyinjena.

Ngaba yisiphukuphuku ngavumela uthando lingenze isiphukuphuku,

Ngakhetha uthando kunempilo yami.

Ngavumela uthando luhambe phambili kunempilo yami.

Ngibe ngazi kamhlophe ukuthi ngisuka ekhaya elinjani,

Ngapha ngiyintandane akhekho umuntu onendaba nami.

kodwa ngavuma ukuba yisigcila sothando ,

Ngavuma ngisho noma sengihlukumezeka ,

Ngishaywa mihla namalanga kungekho ukuphumula ngoba ngizitshela ukuthi kuncono yena uyangithanda kunasekhaya abangangithandi,

Kanti bengizikhohlisa.

Ngavumela uthando lungiphendule isiphukuphuku,

Ukube ngakhohlwa yikho konke ngabhekana nempilo yami.

Ngabe ngiwumuntu ebantwini ,

Ngabe ngifundile ngaqeda esikolweni.

Nginakho konke engikudingayo ,

Hayi lempilo yezinyembezi ngingazi ngizobhekaphi na Nkosi.

Ngoba impilo ayilula inzima kakhulu ikakhulukazi uma ungenabo ngisho abazali ,

Uphinde ungabi nokuthula emoyeni wakho.

Kubo bonke abantu abahlukumezekile, 

Noma abahlukumezekayo othandweni.

Ngithi vukani nizithintithe kusenesikhathi, 

Ngoba impilo ayikho lula .

Ifuna ulwe uvuke uzithintithe, 

Ufune usizo ebantwini abangakusiza.