QHUDE MANIKINIKI

Mnakwethu lendoda eyami ekuyona eyethu,

Mnakwethu lomuntu wabona mina kuqala,

Sengibekezele sekwanele Manje,

Abanye baqhudelana ngobuhle,

Abanye baqhudelana ngokuthandwa kakhulu.

Abanye baqhudelana ngokutatanyiswa begcogcomiswa koGoli.

Mina mnakwethu anginandaba nokutotoswa kakade angitotoswanga.

Mina mnakwethu ngifundile ngiyasebenza,nginemoto nginophahla engilala ngaphansi kwalo ngilakhengezam’izandla.

Mina mnakwethu angibheke Mata endodeni ngibheke umuzi wabantwabami nekusasa okumele ngilishiye lifudumele.

Mina mnakwethu ukulandela Indoda akungikhuluphalisi kakade angikwazi nokunamathela umuntu ngibe unogada wakhe.

Ngijatshuliswa mnakwethu ukubona abantwana bami betshakadula egcekeni lami okungeke Nanini bekhishwe inyumbazane kulo ngelabo ngizakhele ngezami ezandla.

Mnakwethu Indoda ungangiphuca kodwa enginakh’esandleni ngeke.

Mina mnakwethu ngikuqhudela ngemfundo yami.

Mina mnakwethu ngish’indoda engenginike imali kakade ngifundiswe ukuzimela.

Mina njalo angilinde Mata sengilinde ukuzilela umnyeniwami qede ngiphume emqhudelwaneni wami nawe uzibone ukuhlakanipha sekukuphelela.

ibhalwe Makhosazane Ndwandwe Shwala