Ngihlale ngihlale ngicabange ngawe.

Ubusuku nemini.

Ubunendawo ekhethekile la kimi.

Namanje isakhona.

Uthando obungithanda ngalo, angikaze

Ngaluthola phambilini.

Ubunakekela inhliziyo yami.

Yagcina ingasakwazi ukuphila ngaphandle kwakho.

Namanje le nhliziyo ayiphelele.

Kushoda eyakho eceleni kweyami.

Ngiphile kanjani manje?

Ngaphandle kwakho?

Impilo ayisafani ungekho.

Ngiyakudinga.

Namanje inhliziyo isakuthanda.

Ngicela ubuye empilweni yami.

Ngiyazi ngimoshile.

Ingakho ngicela ithuba lokulungisa amaphutha ami.

Iminyaka eyis’thupha yonke – ngithanda wena.

Ngazinikela kuwe.

Ngabeka impilo yami ezandleni zakho.

Inhliziyo yami ibiphambi kwamehlo akho, uyiphethe ngezandla.

Ngitshele ke, ngiqhubeke kanjani nempilo.

Angikaze ngathanda omunye umuntu ngaphandle kwakho.

Kanti neNhliziyo ayimfuni omunye umuntu.

Ifuna wena Sibalukhulu.

Akusafani ungekho.

Ngiyakucela Malandela

Pholisa nasi isilonda esiphakathi enhlizweni.

Khanyisa inhliziyo yami kulobu mnyama ekuyo.

Le nhliziyo yazi wena njengo mnikazi.

Omunye umuntu ayimamukeli.

Ngicele ubuye uzoyichazela kungani uhambile.

Ingakho ngithi…

Cela usinike ithuba lesibili othandweni..

I still love you with my all.