GTI

Wena owafika wangena, waphuma nawo wonke amehlo👀 abantu, bajika ngamakhanda ngenxa yakho.

Wathi usithela basale bebambe amakhanda.

Wena umbubuzi obubuza kuhle kweziNyosi zidlula, uzwakala usakude ungakabonakali kodwa kuseke sekwaziwa ukuthi kuqhamuka wena.

Wena umaqhuzu kweni bonke bakhothama kuwena GTI njengoba bebaningi abavela aka- VW, kodwa wena udabuka le kude Germany & Italy.

Umncane kodwa izenzo zakho zisabeka okombani wezulu, mase ubhonga njengezulu liduma.

Wena ofike KwaZulu Natal wafika waziphathela.

Wena uqhathizwe ngoba wafika wabutha bonke.

Abesifazane, wathatha ngisho abasemendwe imbala.