Cacisa mtwana

 

Lalela ngiyazi ngonile

Ngimoshile nethemba ngililahlile

Kucacile Mina nawe sogcina sihlukene,

Ngiyona ngiyavuma,

Kepha wena uyona futhi uyaphika

Uphika amas’egcwele isihlathi,

Ntokazi sokusobala awungithandi,

Awungizwa futhi awungihloniphi,

Kulungile hamba juba bayok’chutha phambili.

 

Sthandwa awuvimbeki

Ezimotweni nasemaTaxini udla amaFront seat,

Uhamba ubusuku nemini awunaso isikhathi,

Ngiyabona walahlekelwa iwashi,

Awubukeli kontanga yakho abanekusasa,

Wena uvuka kusasa ugeze kanti uyoganga,

Lapho ungishiy’embhedeni uthi uyangithanda,

Uyangithanda mangibukiswa okwesilima,

 

Ngiyavuma uJobe wayebekezela,

Kepha lakuwe angahluleka

Impela angagcina esebek’ezela engasalali,

Edlala imicabango nemjunju,

Lalela ke sisi,

Ngikhathele inhliziyo uyiphulile,

Ngigcine sengiyibuyisela ngePritt nayo yaphela,

Inhliziyo yabancane nothando laphela,

Hayi ntokazi khuluma,

 

Last week wahamb’uthi uyobulala uVan dam,

Kanti wawuqonde ukubulala imizwa yam,

Udlale ngenhliziyo yam uyenzi uWhatsApp

Nam angisazi ngenzenjani

Ngiphelelwe izenzo nemcabango ngawe so…

Cacisa mtwana

Its either yimi noma ibona,

Bona la bonakele sisi bazokudlis’okoMosquito

Cacisa mtwana…ngikhathele ukukhala