Ezicelela, wathi “Thuma mina”,

Esancengile wayezicelela ukuthunywa,

Ukube benizazi izinhloso zakhe,

Ebengenishaye ngemfe iphindiwe.

Bakhankasa ngamanga laba.

Ngamanga wanikhohlisa nakhohliseka,

Namuhla nikhihla esikaNandi,

Lapho impilo kuyena imnandi.

U-Eskom uyasincikisela ngogesi,

Umba eqolo noma usuhlez’ungekho.

Imigwaqo igcwel’izigodi namawa,

Ubugebengu budlangile,

Kwazise nabokufika bayazenzela,

Kukwamachanca bakhwabanisa sibhekile,

Nemisebenzi iyakhokhelwa,

Uma inganikwanga omtakabani.

Intela igqobhoza iphakethe,

Nokudla kubiza ngathi kuyabukisa,

Asinamali abanye balala phezu kwamaDola,

Sesathandaza kwaze kwabuhlung’amadolo,

Sikhohliswa ngovun’ivila wama-R350.00.

Konke kuyanyuka lutho amaholo,

Uphethiloli uyehla, uyenyuka,

Abasebenzi bahol’amakinati,

Ukuze belale bedl’isobho lamakinati,

Bagombela kwezabo, balibele yithi,

Ingalo yomthetho ayifinyeleli kubo,

Bashiya imibhede yabo emakubo,

Balala behleli ePhalamende,

Balele nje bacabang’inkohlakalo,

Ungafunga ikhaya labantu abadala,

Cha! KusePhalamende lezaguga,

Wathi thumani yena,

Ingabe wenz’enamuthuma khona?

Mina ngizibonela inkunzi yegovu,

Ukhandalimtshel’okwakhe uqobo.

Nolandelayo uza nokwakhe,kusizani.