“Nam ngiyakthanda”…

Yebo lamazwi sengizwe kaningi

Yebo benibaningi nisho into eyodwa…kodwa

Ngiyazi beniqonde izinto eziningi

Inkinga ukuthi yonk’into seyahlala emva kothando,

Lalela-ke! Angisho ukuthi awungithandi,

Kodwa ngifuna wazi ukuthi ngeliny’ilanga ngiyokwazi,

Inhloso nezifiso obunazo ngam zovela obala,

Okubi ukuthi kuwe ngobuya kabi

Ngiyafunga uyohamb’izinyanga ungibize ngespoki

Kanti ngizolungisa okonakele…

Sthandwa koksiza ukusho okuqondile hayi okucabangile,

Mina mangithi ngiyakuthanda ngiqinisile,

Ngiyazi ngiyahlupheka kodwa uyabona ngizamile…

Hayi ungathuki babe

Sputu-putu Sam

Njabulo yenhliziyo yam

Mthembisi wokujula kwemicabango yam…

Ukuthi nje impilo angiyazi

Uma kwenzeka ngilala ngingavuki

Ungazami ukungivusa

Kodwa isho ukok’gcina ukuthi uyangthanda.

Futhi ungasho ngoba udlala ngiyobamba,

Isho ngenhloso yokuthanda.

Ngiyathembisa ngiphezuli ngokuvikela…

Kodwa mungenza islima ngiyobuya

Maybe ngokuklinya

Hlasimpe ngogcina ngokuklanda

Hayi kahle sthandwa ngiyokukliya

Ngenze sure ukuthi uyafa…na nam.

Ngiyadlala ungathuki kodwa qaphela,

Hlasimpe umqondo ngiyowushintsha.

Ngigcine sengiyeke ukudlala.

So… Ngithande ngeqiniso hayi amanga