Sengnamahloni ngisho okukhangeza mangiphiwa. Sekuthi mangenqabe, umbuzo uthi uma ngenqaba ngizokuthathaphi? Impela nginamahloni ngosizi olwembethe umuzi wakithi. Indlwana nje eyodwa sibaningi kuyo.

Yazi sipheka khona sigeza khona silalakhona. Ukushisa sikuzwa ngisho kusebusika. Uma kuke kwagula oyedwa sonke sivele sigule. Engani awukho umoya esiwutholayo simpintshene sibaningi kulendlu. Yazi ngize ngisho kuth ukube indlu iyaqukulwa ngabe sengazipha isibindi ngazibeka inyanda ngayicela komakhelwane yaqukulwa yalethwa ekhaya.

Ikati lilele eziko ngnamahloni okuthi thina kithi sicela usuku nosuku, vele akakho ngisho osebenzayo. Sonke sibheke impesheni kababa nayo ephelela ezandleni ikweletu, mayethole isaka nje lempuphu kusuke sekuphelele okokusheba yikho kanye esikucela usukunosuku. Kulamu imbuya masekuyiskhathi sayo nayo siyidla usuku nosuku siphathwe yizisu siqhubeke siyidle kunjalo. Usizi olukhulu elokuthi akakho noyedwa ofundayo sowuthathaphi umfaniswano wesikole njengoba sibaningi kangaka. Kwayona eyokukhokhela isikole izothathwaphi. Sesbonga lona isaka lempuphu elisenza nathi siphefumule njengabanye abantu.

Sinethemba lokuthi konke lokhu okwesikhashana, sjiyaziduduza ngokuthi kukhona nathi impilo encono unkulunkulu asibekele yona.

Impela nathi silubheke ngabomvu elokukhomba ngophakathi kakade sidla imbuya ngothi.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA.