Sekuyi nsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi abantu bangawuhloniphi umsebenzi abaphila ngawo, abanye babala iminyaka esebeyichithile bese bezama indlela yokuthi baxoshwe khona bezothola imali ekade ibanjwa nebifakwa umqashi njalo ngenyanga.

Isikhathi esiphila kuso sidinga umuntu acabange ajule ngaphambi kokuthatha isinqumo. Bawanqobile amacala abaningi zaphuma izimali, inkinga kwa ukuthi bebengenazo izinhlelo zayo. Bayibhubhudla yanyamalala okwamazolo ebona ilanga, baqala babhekana nenselelo yokufuna umsebenzi.

Ikati yaqala yalala eziko, badla imbuya ngothi. Kwa umqansa ukuthola umsebenzi, zanyaka izimali zokugaya amaphepha okufuna umsebenzi. Isimo siyaphoqa sibadabukele ngoba vele bayadabukisa noma bazigwaza ngokwabo.

Ngike ngaba nenxoxo nenye insizwa engusihlalo womphakathi lana engihlala khona, besixoxa ngayo belu indaba yokuhlonishwa komsebenzi.

Isingixoxela ngokwehlela uzakwabo lapho isibenza khona. Ithi uzakwabo waya kumphathi wabo wathi akasazusebenza ngesonto ngoba yena ufuna ukuya esontweni. Ithi wabuza umphathi wayo ukuthi kwenziwe njani, yathi akulotshwe phansi ukuze makwenzeka kufika omunye umphathi akwazi ukuthi yona ayisebenzi ngesonto.

Uthi ngelinye ilanga umphathi wabo wakhipha umsebenzi okufanele bawenze, waseqala kuyona insizwa yesonto ukuzwa ukuthi izikwazi yini ukuwenza. Uthi yakhala ngamadolo, wathi umphathi ayibhale phansi ebhukwini layo ukuze kuzokwenziwa okufanayo makufika omunye umphathi.

Yazikhulisa insizwa yesonto ngokomsebenzi yenza izincwadi zokushayela, yase iyacutha ukufaka isicelo somsebenzi makuvela izikhala.

Sifika isikhangiso kufunwa abashayeli abathathu, yafakani isicelo. Ngenhlanhla yabizwa kwinhlolo khono, kwayihambela kahle kwinhlolo khono yabasesithathwini ebesidingeka. Bathathwa bayoqeqeshwa, zahamba kahle izinto kwafika isikhathi sokuthi kugcwaliswe amaphepha okuthi zinyukile iziqu.

Babazwa ngamunye ngamunye, makufikwa kuyena kwadonsa iphepha lakhe lokuthi uphathwa amadolo, watshelwa eziqwini zamehlo ukuthi ngeze bakwazi ukumnyusa. Kwaphela nasozwanini indoda ifuna ukukhala izigwaze ngokwayo.

Ngifunde isifundo enxoxweni yam noSihlalo, ngiyafisa nomunye umuntu azi ukuthi alikho iqili elikwazi ukuzikhotha emhlane.

Siyahlonishwa isandla esikuphakelayo.