Kuzinkathi zasentwasahlobo.Kuyaphithizela lapha ekhaya. Njengoba uMhlongo oyisicebi lapha endaweni futhi ohlonishwayo emulisa umafungwase wakhe onguzinyobulala uSmilo. Phela uSmilo usephothule ibanga leshumi. Nesicelo sakhe sokungena inyuvesi yakwaZulu samukelwe.
Izintombi nezinsizwa zigwele indlu zizokweseka uSmilo njengoba kuzobungazwa ukuziphatha kwakhe aze aqede isikole. UMhlongo uqeda ukukhuluma nekhehla lakwaSthole ebelimbongela ngokuzala intombazane enesmilo. “Siyabonga baba ngokusitakula obishini usiphe okuya ngasethunjini” kunconcoza uSyacela umfana wakwamakhelwane ohlala nogogo wakhe. Phela bayizichaka ezikhulu lapha endaweni.
USyacela naye usephothule ibanga leshumi kanti akekho ongazi lapha endaweni ukuthi nguye oqomisa uSmilo. USyacela ukhulele ekhaya konina, kanti unomfwabo UNqobani nodadewabo uSimlethelwe abahlala ekhaya kubo kwaDlamini. IyashO ingoma kurondo njengoba kungena umcimbi. USmilo namanye amantombazane ahlezi emgonqweni. Kusaculwa kunjalo uSmilo abone ikhukhu lwesiketi likhanya okuyilapho afake khona ucingo lwakhe, abone kunomlayezo awuvule,
“Ntombenhle ngicela uvele la emva kweflethi manje”.
Avele axakeke nje ukuthi lomlayezo uvela kubani. Asukume aphume aqonde emva kweflethi.
Avele axakeke nje ukuthi lomlayezo uvela kubani. Asukume aphume aqonde emva kweflethi.
“Baba uSmilo akekho emgonqweni” kubika umaZulu. UMhlongo uganwe ngabafazi abathathu .UMadlamini, umaZulu, uMaxulu. UmaXulu yenake uyinyumba kanti nenhliziyo emnene akanayo. Asukume uMhlongo amcinge.
“Hello” kusho uSmilo eqalaza efuna ukubona lowo omubhalele. Kodwa angaboni muntu
Kuphela ezwe izigi eziza nganeno aqale manje ashaywe luvalo. “Bani loyo?” ebuza ngezwi elethukile. Kungaphenduli muntu kodwa izigi zilokhu ziqhubekile.
Abone isthunzi somlisa othwele isigqoko lumshaye kakhulu uvalo, acwebe izinyembezi. Usevevezela yonkindawo manje..