Ubaba wayesiyala ngokuthi
‘Bantabami ngiyohamba ngolungaliyo ngiyonishiya nonyoko’
Umuntu wesifazane ubeyithemba lokunotha nokuphenjwa kwemindeni
Basekudeni abesifazane ababefanelwe ukuvusa imizi
Namhlanje amadoda azilile isililo sawo ulaka nempama
Ethempelini loMdali akungenwa ngezicathulo
Kodwa abesifazane sibakhahlela ngezicathulo

Kwala simncenga umfowethu ehlise umoya
Ulaka lumeqe abulale igugu lesizwe
Amanye amadoda awaganiwe
Amakhosikazi awo asemhlabathini
Namadoda anesandla ekubulaleni imizi yawo
Ngezandla zombulali ulinde indlalifa yamafa
Abafa bengahlawulelwe bengayihlakulele indlela
Basithwele isiphambano
Balunywa isibeletho naso siyolithethelwa ngubani icala?

Amaqhawe akithi nomengameli kasinaye
Wasala empini yolaka lwendoda
Waphangalala engavundlanga nasesibelethweni sikanina
Amadoda awafundanga
Awayibonanga impi ilwa yodwa emathunjini kandlwana
Amaphasela asezulwini agcwele amaphela
Sekuwukuphela kwendaba yesizwe
Kuphela abesifazane njengamaphela
Bakhalelwa kanjani abesifazane?