Nginothando lwakho
Lwakho wedwa futhi
Lokho angikwenzanga kodwa kuzenzakalele
Amehlo akubonile awanganela isikhathi besisincane
Nasemcabangweni uvele wazula khona
Ngezwa sengifanele ukukugcina

Kodwa ngizwa kunganeli kungapheleli
Akugcwali kahle
Ngizwa isikhala nokushoda
Ngingedwa kulomuzwa
Ngingedwa kulesi sifo

Noma ngesaba kodwa kungcono wazi
Ngiphoxeke uma kufanele
Ngilimale uma kufanele
Kodwa wena yazi ukugcine
Nakuwe kuhlale mina sekuyimpilo kimi

Ngicela usondele kimi ngikunikeze
Ngizwa sengathi kungcono uma useduzane
Kungcono uma ulana ngazi ukuthi ukhona
Ngicela uvale lesi sikhala esikhona
Noma ungasanginikangaka mina
Kodwa kuhle ngikunike useduze kwami
Noma ungasondelanga eduze ngesiqu
Kodwa ngizokwazi nje ukuthi useduze noma ngokomoya
Noma ngokomcabango
Sengizokhululeka ngibe nethemba
Mhlawumbe ngizokhohliseka ngithi kufanele
Mhlawumbe ngizoneliseka
Mhlawumbe kuzovaleka lesi sikhala
Ngizojabula uma ngikunika uthando lwami useduze
Lokho nje kuzokwenza ngibe ngcono
Bengifisa usondele uzizwele uthando enginalo
Uthando lwakho olukimi

Ngyacela ngicela usondele
Yizwa uthando lwami ngawe
Noma ungasangiphanga olwakho
Kodwa yizwa lolu olukimi