Impilo emakokuqeda isikole.

Impela impilo iyisondo elijikajikayo njengomhlaba ,uma usasesikoleni awuziboni izinkinga nobubi uma usasekoleni ,uzibonela nje impilo iyinhle unabangani kanti kubi le ngaphandle . Kumele impela uzimisele ngokuzikhandla uma ususebangeni lamatikuletsheni ,ngeminithi nje elilodwa uzibona unguDokotela ngelilandelayo uzibone usungumuntu nje oxakekile ezifundweni .Kakhulukazi uma wenza izifundo zakwaSayensi noma zakwaKhomesi kubalulekile ukufunda ngokuzikhandla ngoba ayikho inkomo yobuthongo !Uzolala manje uphaphame sekudala isikhathi sahamba, uma usuqedile isikole uyaye ubhekene nobunzima bokungasitholi isikhala sokuyofunda uhlale ekhaya uze ubhekane nezifo zomqondo ngenxa yokuxakeka nokucabanga kakhulu ngempilo yakho ,nemisebenzi ayibonwa okubi kakhulu, kuye kube ibhadi nje elibi ukhokhele mhlawumbe amaNyuvesi ayisihlanu ulindele ukuthathwa kodwa kuthuleke nje du! Kube buhlungu inhliziyo ucabanga imali yabazali echithekile ufaka lezicelo uma sebethule nje bengasakuthathi .Ngiyafisa nabaphethe ezikhungweni eziphezulu bazibhekelele izicelo zabafisa ukufunda ngoba bayizinkulungwane zabantu abafisayo ukuyofunda kodwa kube ukuthi abasitholi iskhala esikolweni.

Nasekhaya abamile bayabuza ukuthi kuqhubeka kanjani ,uze uzibone kungathi umhlaba ukujikele noma unesinyama . Kubalulekile ngempela ukufunda ngokuzikhandla uma usebangeni likamatikuletsheni ukuze uzithole usohlwini labaphambili abasethubeni lokuyofunda eZikhungweni Zemfundo ephakeme .Nawe wena ubona sengathi impilo ikujikele njengoba usuqedile ukufunda akunjalo kusangenzeka nje nezifiso zakho zisangafezeka kumele usukume ,ubheke lapho kulungiswa khona izifundo mahhala uma isimo singesihle kahle ngasemalini ,uma zingekho ngalapho ohlala ngakhona izindawo ezikanjalo ngalapho ohlala khona zama ukuyobhalisa esikoleni ubhalisele ukuyobhala futhi (upgrading )izifundo ongaziphasanga kahle uzifundele wena ngokuzikhandla .Akukho okungenzeki konke kusesandleni sakho.

Vuka muntomusha !