U sticks ucela uMawakhe amgcinele imali, njalo uma esize umuntu umawakhe ubona ngaye esezocela amgcinele.

Kuhambe kwahamba wagcina eseqala ukubhem’ugwayi. Waqala wadla kakhudlwana, ekuqaleni ubengasiqedi isitsha kodwa manje useqeda ezimbili. Kuthi kungesikhathi singakanani azwakale esethi ulambe uyafa.

Ambuke nje umawakhe kodwa akhethe ukuzithulela angambuzi lutho. Siqalele sehla nesisindo emgodlweni wakhe, kuthi njalo uma eke wahamba umawakhe abuye ifindo seliboshwe ngenye indlela. Kwesinye isikhathi uzolifica lingaqinisiwe.

Kumxake konke lokhu kwefindo u mama kodwa angazi ukuthi uzoliqala ngakephi udaba, okumxaka kakhulu ukuthi bahlala bobabili futhi akukaze kube nezinkomba zokuthi kugqekeziwe, akukho nawindi elifile.

U sticks kokunye uhlangothi uwumuntu ohlale ekhala ngokuphathwa yikhanda, namehlo wakhe abonakale ebomvu. Njalo ekuseni nantambama ucela imali yokuthenga umshanguzo( amaphilisi).

Imkhathaze umaNgwenya indaba yendodana yakhe ehlale iphethwe ikhanda, uyayibona nasemzimbeni yehlile. Afunge agomele ukuthi uzombamba umthakathi nesela, obulala indodanayakhe nontshontsha imali yayo futhi.

Uzibuza uyaziphendula ukuthi kudalwa yini indodana yakhe ithathe isikhathi eside uma iya esitolo, njengomuntu obeshehsha ukubuya estolo kokunye ubeze asole sengathi ijike endleleni, kulamule khona ukuthi ibuya ikuphethe ekade iyokuthenga.

Athathe isinqumo sokuthi acuphe, aphume endlini e umuntu oya ngasedolobheni. Welusa umaNgwenya, ukucuphi inyoni nezinyamazane amanz’amancane lawo kuyena. Aphume avalelise kwindodana yakhe, imbone nayo ukuthi uyahamba imbela ngendlela awudle ngayo umswenko.

Kube ukusithela kuka maNgwenya ehlathi elibude buduze nomuzi endleleni ebheke estobhini, wahlaba ngejubane u Sticks ebheke emgodlweni kanti uzojika umaNgwenya amfice esazama ukuqaqa ifindo. Bese ebuza maNgwenya ukuthi wenzani uSticks,kuphele nasozwanini angazi uzophika athini njengoba ebanjwe oqotsheni.

Kumphoqile umaNgwenya ukuthi ayibuze indoda yakhe ukuthi ibizoyenzani imali, uyibindile umbuzo indodana yavukwa amalimi yankwankwaza. Akaphozisanga maseko

Inhlanzi ishelwe ngamanzi yawuhlaba inhlali uma u Sticks ezwa uma wakhe emtshela ukuthi uyazi ngodaba luka gwayi, wachza nokuthi wamlamela ngelinye ilanga ebhema ugwayi kade ephume ewumuntu oyothenga imishanguzo.

Baqinisile abathi ayikho impunga yehlathi, labanjwa kanjalo isela nomthakathi.