Kwakukhona umfana ogama lakhe kwakunguStivini.

UStivini wayemncane kepha izinwele zakhe zazimhlophe qhwa.kuhle kweqhwa, wena owabona ixhegu elidala.

Ezinye izingane zazivamise ukumhleka.zimbiza ngomkhulu. Ngenxa yezinwele zakhe.

UStivini Wayenengadi yemifino ayevamise ukuzitshalela kuyo, Uma enesithukuthezi noma ephatheke kabi.

U dadewabo ka Stivini omdala uCeliwe wayecula kamnandi kakhulu futhi epheka ukudla okuconsisa amathe.

Umama wakhe wayengumthungi wezimphahla zokuqhoka ezisezingeni eliphezulu.

Ubaba ka Stivini engumakhi wezindlu odumile endaweni yangakubo emgababa.

Kepha uStivini yena waye ngazazi ukuba yini aye nekhono lokuyenza.

Wazama ukucula ekabalasa. Kwafa amafasitela endlu yakubo nezingilazi ekhabetheni, kwakhonkotha izinja zithuswa umsindo owawu sasililo.

Wazama ukupheka isitshuli kepha sasibaba usawoti, singanambitheki neze kahle.

Wathunga ibhulukwe elalinemlenze, eyayingalingani. Wabuye wakha udonga oluwayo.

U Stivini wayengajabule neze,futhi kwamcacela ukuthi yena kwakungekhonje nje ayekwazi ukukwenza kahle.

Edangele u Stivini wahamba waya engadini yakhe yemifino, wakhipha ukhula. Loku kwamenza azizwe ejabulile futhi.

Wayengakhohlwa ukuchelela njalo ekuseni,phambi kokuya eskoleni. Nantambama masekuhwalala. Umndeni wakhe wawuyithokozela imifino yakhe nezimbali ayezitshalile.

Emuva nje kwamaviki ambalwa, zakhula, zaqhakaza, zathela izitshalo za Stivini.

Wathatha ubhasikidi wakhe wayovuma.

Wakha utamatisi, iklabishi, iziqathi kepha amazambane ayengamilanga, Kwakukhona isihlahla sodwa. Kwamzwisa ubuhlungu loko.

Ngabe ayeshonephi amazambane ka Stivini? Kwakungenzeka ukuba ayentshontshiwe, noma ayedliwe izimbuzi? Wacabanga ephimisela.

U malume ka Stivini u Alibethi wasondela, ebuza kungani u Stivini wayedangele kangaka. “amazambane ami angikatholi la bengiwatshale khona” ephendula esula izinyembezi emehlweni akhe.

Wahleka kakhulu umalume edonsa induku, egubha ngaphansi kwesihlahla samazambane.

Akakholwanga u Stivini ebona amazambane amakhulu ephuma ngaphansi komhlabathi. “amila ngaphansi” wamemeza ngenjabulo.

Umalume wazwakala ethi”Stivini unekhono elihle lokutshala imifino emihle futhi enemplilo”

Wajabula kakhulu u Stivini ngoba waseyitholile naye into aye nekhono lokuyenza ekugcineni.

Njengo dadewabo owayengumpheki, Umama othungayo nobaba ongumakhi. Yenake wayengumlimi otshala amazambane amila ngaphansi komhlabathi.