Kwakukuhle kumnandi kudelile

Kwakukuhle uze ufunge ukuba konke

Kuhamba kahle, ngangingazi ukuba kyogcina

Kuyilento ekwiyona manje

Ubusuku buyefana nemini

Injabulo ebenginayo iyafana neze

Ngyafisa ukuba ngazi kwasekuqaleni

Ukuba kuzoba nje ngabe angivumanga

Konke ayekusho kumi kwakwamanga

Namhlanje nginemibuzo engingayazi

Namhlanje anginazo impendulo zayo

Kwenzakalani ngendoda engayiqoma

Ngakhetha ukugana ngakhohlwa ikusasa lami

Bonke ababethembele kumi ngabalaxaza

Asakwazi kwakufeza amaphutho Ami

Kanti ngonani kubani mina uma injabulo

Yami ishabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga

Unembeza wami ushonephi uma kunje

Ngihleli angazi yini engihlalele ekubeni konakala

Uthi kungabe kusawuthando na?

Washintsha umuntu ngazizwa ngisejele

Seniyongixolela mndeni wami ukukhala 

Akusizi ukukhuluma ukuzilethela amanzi 

Ngomsele, lomuntu ebengithi uye umyeni

Wami bengizikhohlisa, 

Akukho engathi ngyakwazi ngaye kepha

Engikwaziyo ngaye amanga nokungathembeki

Ngibile umuntu oqotho kuye but yena kyamehlula 

Ngizamile ukukhuluma kodwa konke lokho

Akwenzanga mehluko, uthando ebenginalo

Ngaye alusefani njengasekuqaleni, akekho 

Engingakhuluma naye ngoba kuthiwa ngikhuluma

Indaba zami nabantu.

Noma ngizama izinto ezizongisiza kuthiwa

Ngyaganga, ukucela usizo kwifamily Yami

Akuvumelekile. Kuhlezi kunezithembiso

Ezingafezeki. Angifisi ukuthi kube

Khona oyokwenza leliphutha engilenzile

Into engihlalele ngilinde ukufa kuphela

Ngyagula but angizosizakala ngenxa 

Yendoda engayikhetha. Makwenzeka 

Ngithule konke nibokubuza kuye uye owaziyo

Fth uye onomthelela ngenxa yempakamo

Nenkani. I love you my family

By: Philile Shezi