Kwakukuhle kumnandi kudelile
Kwakukuhle uze ufunge ukuba konke
Kuhamba kahle, ngangingazi ukuba kyogcina
Kuyilento ekwiyona manje
Ubusuku buyefana nemini
Injabulo ebenginayo iyafana neze
Ngyafisa ukuba ngazi kwasekuqaleni
Ukuba kuzoba nje ngabe angivumanga
Konke ayekusho kumi kwakwamanga
Namhlanje nginemibuzo engingayazi
Namhlanje anginazo impendulo zayo
Kwenzakalani ngendoda engayiqoma
Ngakhetha ukugana ngakhohlwa ikusasa lami
Bonke ababethembele kumi ngabalaxaza
Asakwazi kwakufeza amaphutho Ami
Kanti ngonani kubani mina uma injabulo
Yami ishabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga
Unembeza wami ushonephi uma kunje
Ngihleli angazi yini engihlalele ekubeni konakala
Uthi kungabe kusawuthando na?
Washintsha umuntu ngazizwa ngisejele
Seniyongixolela mndeni wami ukukhala
Akusizi ukukhuluma ukuzilethela amanzi
Ngomsele, lomuntu ebengithi uye umyeni
Wami bengizikhohlisa,
Akukho engathi ngyakwazi ngaye kepha
Engikwaziyo ngaye amanga nokungathembeki
Ngibile umuntu oqotho kuye but yena kyamehlula
Ngizamile ukukhuluma kodwa konke lokho
Akwenzanga mehluko, uthando ebenginalo
Ngaye alusefani njengasekuqaleni, akekho
Engingakhuluma naye ngoba kuthiwa ngikhuluma
Indaba zami nabantu.
Noma ngizama izinto ezizongisiza kuthiwa
Ngyaganga, ukucela usizo kwifamily Yami
Akuvumelekile. Kuhlezi kunezithembiso
Ezingafezeki. Angifisi ukuthi kube
Khona oyokwenza leliphutha engilenzile
Into engihlalele ngilinde ukufa kuphela
Ngyagula but angizosizakala ngenxa
Yendoda engayikhetha. Makwenzeka
Ngithule konke nibokubuza kuye uye owaziyo
Fth uye onomthelela ngenxa yempakamo
Nenkani. I love you my family
By: Philile Shezi