Ngiyabona kubuhlungu khona

Ukushiye ngokukhul’ ukuzuma

Yeka umzwangedwa, isizungu ngisho usizi!

Ube sasemncane yena ninekusasa

Ebelisaqala lithi liyaqhakaza

Ewu! Kwavele kwahlwa emini

Ifu elimnyama lakusibekela

Usemncane ukuth’ usungab’ umfelwa

Usemncane ukuth’ usungab’umfelokazi

Lolu sizi l’zodlula hhayi kalula 

Thula sul’ izinyembezi!

Izithukuthuku zakho ndoda yamadoda!

Indod’ iyodl’ izithukuthuku zayo

Kodwa lokhu kungaphezu kwamandla

Uzama konk’ ukuthi ubeke isinkwa etafuleni

Umsebenz’uphela kungazelelwe

Ukusa kwaziwa nguwe 

Kubanda lihhusha umoya liyidliva 

Uthath’ ubek’ uhlanganisa 

Ubek’ umzimba awulal’ udla amathambo engqondo

Ngengqondo usabalel’ ujulile ngemicabango 

Uphuma nje babhekil’ ukuthi ubuya nani

Kuqashw’ osemva kwakho

Uthi usabheke lokho kuqashw’ oseceleni kwakho

Zivele zim’ emthumeni

Ngiyaz’ injabulo yomndeni wakho nguwe

Akulul’ uk’bona indoda isikihla

Kusuke kuya le nale ukuhlafuna kwayo 

Khona kusinda kuyehlela ngiyabona

Thul’ sul’ izinyembezi kuzodlula 

Njengesikhukhukazi esimatshwele abheke sona

Zonke lezi zingane zibheke wena

Oyise bazo bazishiye nawe ze uzikhulise

Abahlawul’ abondli okubi baziphikile

Sebegijima neziny’ ezimi kahle

Okweqhude eseligijima nezinye izikhukhukazi

Wo hhe!ukube wawazi 

Ukuth’ uthando lok’shiya nezibazi

Manje usizi lodwa nezinyembezi

Ukuthi zidlani zibheke wena

Ukuthi ziphuzani zibheke wena

Ukuthi zigqokani zibheke wena

Ukuthi zilalaphi zibheke wena

Lapho zigula zigulela wena

Kudingek’ uzivikile wedwa

Kudingek’ uzifundisele wedwa

Kudingek’ uziqeqeshele wena

Uthwele muntu wesifazane uthwele!

Ngiyazibona ziyehla…

Kodw’ awuwedwa kuleli joka

Neziny’ izimbokodo zikhal’ esifanayo

Ngithi thul’ sul’ izinyembezi!

Ubakhulisile usasenekhehla lakwakho

Abantwana benu begcwel’ ibala

Kodwa wabatshala ngamunye ngamunye

Hhawu yeka umunyu!

Suku lumbe kwalala nalo ikhehla imbala

Ziyafik’ izinkumbul’ ezimnandi

Ukhumbule leziya khathi ezazingaconsi phansi

Ubuhlungu bokubeletha bungconywana

Kodw’ ubuhlungu bokushonelwa umntwana

Bonke lobuhlungu ubuzwile

Namuhl’ usukhulisa isizukulwane

 Esibhuz’ okwezintuthwane sibheke wena gogo

Ngemali engekho ngisho neyeqolo

Ngaph’ umphakathi awusalivezi elomhlathi

Ubekezelel’ ukuthukw’ ubizwa ngomthakathi

Wen’ uyalaz’ iqiniso lingaphakathi

Ungazesulwa ngubani lezi zinyembezi?

Ngoba sebalala bonke 

Akusenani ntomb’ endala umdal’ uyabona uyazi

Uthi kuwe thula Sul’izinyembezi

Ave kumnand’ ukhulela phakathi komhlane nembeleko

Laph’ abazali bemi kahle 

Benikhulisa ngothand’ olufudumele

Umona umi ngenhla emdenini

Benibizwa ngamaqand’ emphakathini

Bethi niphilisw’ impilo yokutotoswa

Ingozi yemoto yaniphuca abazali

Nizibuyela ukuyoncebeleka emaholidini

Akumnand’ ukubizwa ngentandane

Seningumtshing’ obethwa ngubani

Seningostolo gijima noma izulu lina

Nikhacwa ngenhlamba ngapha ngapha

Ifa lenu nagcina ngokulizwa ngegama

Bela A bodwa omalume no-Aunti

Nina ningangitshela okuningi

Kodwa zingane zakwethu nizokhula

Yazini ukuthi abazali bebenithanda

Akulula zingane zakwethu

Ngiyazi niyabakhumbula kakhulu

Nize nisho nithi:” ukube bebe lapha”

Sulan’ izinyembezi, kuzolunga!

Wena kanye nami sikhala esifanayo

Sifikile kumatikul’ entsheni

Kungelula safika emanyuvesi

Ekugcineni sawagqoka amajazi

Siziphundlel’ indlel’ eya ezwen’ eligelez’ ubisi noju

Kodwa lutho izinto zigqom’ entsheni

Kwala siyicing’ emaphepheni

Masiwuthola basibuza isipiliyoni

Laph’ ontanga bandizela kwelenyoni

Kanti bona benze ngani?

Yini le abanayo thina esingenayo?

Siyafun’ ukudl’ izithukuthuku zethu

Ukondl’ imindeni yethu 

Izingane zakwethu zibheke thina

Imizi yabazali siyafisa ukuyivusa

Kunzima bontanga kusinda kwehlela

Angeke kusize ukuzinikela otshwaleni

Okungengani masithwalisaneni 

Yim’ eceleni kwami 

Nami ngim’ eceleni kwakho sisizaneni

Singahlekani kodwa sithulisaneni

Sonke sibheke phambil’ empumelelweni

Okungafikwa kuyo kalula

Abaningi bethu basayofuna

Abaningi bethu basayikhomba

Abaningi bathu basayiphupha

Abaningi bethu dala yabadlula

Abaningi sebevele baphonsa ithawula

Abanye balala sebeyibona

Akuzange kwaba lula

Thul’ sul’ izinyembezi malokazana

Thul’ sul’ izinyambezi mkhwenyana

Thul’ sul’ izinyembezi baba

Thul’ sul’ zinyembezi nawe mama

Ntombi endala zesule nezakh’ izinyembezi 

Zingane zakwethu nani sulani ezenu

Zesule mfowethu izinyembezi

Zesule nawe dadewethu izinyembezi

Abukh’ ubuhlungu bapakade kodwa izibazi

Kuzodlula kancane kancane

Kuzolunga ngeliny’ ilanga

Ngeliny’ ilanga sokwesulwa zonk’ izinyembezi 

Ngikhala kanye nawe 

Nawe khala kanye nami

Ngoba ungumuntu wenyama negazi njengami

Shhh… thula sul’ izinyembezi!

Ibhalwe ngu:

Sthembiso Sydney Msezane