Thongo Lami.
Ngivikel’ezitheni zami
Ngivikele osizini lwami.

Ngicela ungikhanyisele
Ngivulel’iminyango,
Iminyango engenakuvaleka,
Iminyang’engaguqul’impilo yami,
Ngikhayisel’izindlela zami , zicace bha kuhle kwelanga liphuma.

Ngiphe amandla,
Amandla okuphila kulomhlaba,
Amandla okufeza izifiso zami,
Ngibhekel’abantwana bami,
Ngibhekel’umndeni wami.

Thongo khanyisa,
Thongo vikela,
Thongo ngiyakutusa,
Ngicela ungilalele,
Ngicela ungivikele ,
Ungiphe namandla.