SUKA KIMI SATHANE
Cha impela uyasebenzisana sathane,
Cha impela uyazuza wenz’okuthandayo kumuntu,
Usenza siphelelwe inhlonipho,
Usenza sikhohlakale siphend’ukigelekeqe,
Wenz’umuntu ayizonde indlu kaNkulunkulu,
uSenza sijikelane sides singabazalwane,
Uqhath’ithandani impela zihlukane.
Abaganeneyo kuqhuma isehlukaniso sewungene phela sikhohlakali.
Sekwanele manje sokunqoba
Siphendukel’abazali bethu siyabashaya,
Siphendukel’abazali bethu siyabathethisa,
Labazali esibashayayo abobani kanti?
Siyabulalana,Siyashisana ,siyagqibana,siyagencana.
Sathana suka kithi.
Siyaqekeza,Siyantshontsha.
Imihlola lena .
Siqhathana sodwa emsebenzini,
Siphenduka amaqembuqembu engani kuyahletshwa.
kukhala inqindi nonyawo kuyakhahlelwane.
Konakele emhlabeni Sathane Suja kithi.
Ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala