Ukukuthanda kwami akwanelanga.
Sithandwa sami ngibonga
Ukungithanda kwakho.
Yazi bengihlale ngicabanga
Ngawe sonke isikhathi.
Bengimane ngikhumbule
Ukumamatheka kwakho
Ngimane ngikhumbule
Ubuntofontofo bezandla zakho.
Engabe inkosi ngayenzelani
Ukuthi ingilethele isimanga
Somuntu ofana nawe.
Ehh kodwa phela ngiyazi
Mina, nawe sobabili
Siyizithandani.
Yazi ngiyesaba ukuthi
Mina nawe siyothandana
Ingunaphakade ngoba
Uyeke uthi nidalelwene
Nomuntu kuvele kufike
Usathane ayijike yonke
Lonto.
Ngakho-ke sithandwa sami
Sinqanda mathe sami
Swidi lami lomkhuhlane
Thambo lami le khenthaki
NGIYAKUTHANDA SITHANDWA SAMI!