Ukukubonga kwami akwanelanga,

Kepha ngithanda ukukubonga

Ngokuba uMama oqotho.

Ngibonga ukuthi wangigcina

Mhla uthola ukuthi uzithwele

Uthwele mina abanye oMama

Bezikhipha.

 

Ngithanda ukubonga ukuthi

Uhlale nami wanginakekela

Ngisho sadlula ebunzimeni.

Ngibonga ukuthi ubenethemba.

Ngibonga ukuthi ubenamandla

Wangikhulisa.

 

Ngibonga ukuthi ungivikelile

Ebunzimeni.

Ngibonga ukuthi ungivikelile

Ezimpisini zalapha eMhlabeni.

Ngiyazi ngike ngaba uhlupho

Ngakuhlupha kodwa awukaze

Ulahle ithemba kimina.

 

Ngithanda ukubonga nokuthi

Ungifundise inhlonipho nokuthanda.

Ngiyethemba nami ezami

Izingane ngiyozifundisa njengoba

Wangifundisa.

Ngiyafisa futhi ukuba ulhile ukuze

Uzobona abazukulu bakho.

 

Nginethemba bayojabula

Ukwazana nesimanga

Somuntu ofana nawe.

Ngalokho ngithi kuwena

Ndlovukazi yami kuphuma

KwiNkosazana yakho

NGIYABONGA!