Ubuhle bakho ntokazi

Ubuhle bendalo. Umuhle

Uvuka, umuhle ulele.

Sengathi ungahlale useduze nami

Ngoba ngiyakuthokozela

Ukuba khona kwakho.

 

Wena awusathandwa yinhliziyo

Yami kepha usuthandwa

Umoya wami.

Ngichazwa ukumamatheka

Kwakho ntokazi emhlophe.

 

Phela wena uyindoni yamanzi,

Ngiyakujabulela ukukwazi

Kwami, ngoba ukube

Angikwazanga ngabe angibazanga

Ubuhle bumuntu onjengawe.

 

Ubuhle bakho ntokazi ziqhenye

Ngabo ungabuniki abantu

Abazobumosha. Umuhle

Ntokazi emhlophe, Umuhle.