Umama wazibula ngezibusiso,

Namuhla ngibusisekile ngodadewethu,

Dadewethu ngiswele amazwi okubonga,

Dadewethu ngiyabonga!

Ngisemncane ubunginakekela,

Sengimdala ngizokunakekela,

Nabantwana bami ubanakekele,

Abantwana bethu ngizobanakekela,

Dadewethu ngiyabonga!

Ukubonga kwami kuncane,

Ngifisa ngabe nezwe liyezwa,

Ngalenkondlo abanye bazozwa,

Ngane kamama ngiyabonga!

Konke okuhle ongenzele khona,

Nami ngizokwenzela okuhle.

Masiqhubeke sihloniphane,

Masiqhube sisekane.

Dadewethu ngiyabonga!

Unwele olude ngane yakwethu,

Bengangeni abantu phakathi kwethu,

Impumelelo yethu isezandleni zethu,

Singakhohlwa yizingane zethu.

Uthunjana wakwen’uyabonga,

Dadewethu usaphila ngiyabonga,

Silindile impilo engcono,

Silindile uCelukwanda ucelakwande.

Umuntu ubongwa esefile,

Ngizokubonga usaphila dadewethu,

Mtakamame ngiyabonga!