Ngingamane ngibatshazwe ubugwala

Kunokuba ngandise izintandane.

Singancenga ngawo umlomo

Kodwa emandleni ngyaxolisa.

Basishiyile sisabathanda

Ngoba befuna udum’lobuqhawe.

Bagcina endulo ngesikhathe Selembe

Lopho kwakugawula imith’emkhulu emicane iziwela.

Noma babekhala omame bephenduk’abafelokazi

Bebancane babenganakiwe.

Zazisala zizibonel’ingane zabanuzane

Njengamachwane enyoka akhul’azibonele.

Obami ubuqhawe obukucabangela ingane

Kuno yise ohlomisa impi ezomhlula.

Uma esondela mina ngyahlehla

Ngoba ngibuka izingane ngemuva kwakhe.

Zinyembezana zilambile

Zinhluzwa azingagqokile zibhek’yise.

Amathemba okugqoka nokudla

Onke alele kuyise.

Noma engalona iqath’elingangibinda

Kodwa ngikheth’ukuhlehla njengenqam’ithathamandla.

Obami ubuqhawe buhlukile

Obokukhandi sizwe esingena bafelokazi.

Ngiqeda intandane

Ngobuqhawe bokungasabi ukubizwa ngegwala.