Ngicela ungiphe umzuzu

Ngiphalaze konke okungaphakathi.

Ubuhle bakho buyamangalisa

Uyindoni yamanzi ubhelu olumanz’andonga.

Ngizizwa ngishawa luvalo

Sengathi uphalaza ngovalo.

Kungaba ngise Zulwini yini?

Lapho khona ingelosi zihamba ngezinyawo.

Uma bekhona abomthetho

Ngicela ungiphelezele ngiyovula icala.

Usuvele wayintshontsha eyami inhliziyo

Noma ngiqala ukukubona.

Ngivumele ngikuqambe igama

Ungu Nobuhle oNobuhle.

Ubaba wakho udlel’esitsheni esingakanani

Ngingajabula uma ungahloniphe kithi

Ube yimbali ehlobis’igceke.

Umuzi kababa ukhaye ugesi ubusuku nemine

Njenga semadolobheni ubusuku obufana nemini.

Ngivumele ngiwadele amabheka akwethu

Wena ubengowami.

Engikucelayo umzuzu owokuba seduze kwakho

Nawe eduze kwami.