Ngithi khuzani kwanele manje

Ngokuqothwa kwembokodo.

Osekuyinsakavukela umchilo wesidwaba

Ukugingqwa gingqwa kwayo.

Noma ngingazi yenzeni

Ngiyayi xolisela.

Nomasezikhal’ingane zabantu ziyabulawa

Kanti emhlabeni kuxolelwa abanjani?

Ngiyakhuleka koNdabezitha

Ngithi ngicela ningenelele.

Kukhuzwe lomkhuba

Wokubulawa kwabesifazane.

Ngyavuma sibalobolile

Kodwa lokho akusho ukuthi sibabulale.

Selashonephi uthando

Olasenza sabalobola?

Nami angazi benzeni

Kodwa ngyabaxolisela.

Noma zihambile inkomo nenkece

Ngyabaxolisela ngenhliziyo emnene.

Asibakhombise uthando

Sibakhulule bayekamathanda nhliziyo

Kunokuba sibabulale.

Khuzani kwanele manje

Ngokubulawa kwenzala bantu.

Ngikhuluma ngenzala maqhawe

Yesizwe sikaPhunga noMageba.

Umnyama osho ngenwele ezigoqene

Nje ngoboya bemvu.

Singaphenduki inhlekisa

Kwabakama ngesandla.

Khuzani kwanele manje.