Zwela Thixo!

Abazali bethu baxhalabile inhlupheko nosizi.

Safunda kanzima singathathi ntweni,

Kepha namuhla singodinga sithebeni.

Siququdwa usizi, siphuma inqina kamabuyaze.

Izithelo zemijuluko yethu ziphenduke izithukuthuku zenja.

Zwela Thixo!

Asifuni ukuncama,

Asiliphosi ithawula.

Inhlupheko yokuswela umsebenzi

Yenza sikhumbule njalo ukuthi kusena maphupho angafeziwe.

Zwela Thixo!

Imizi yabazali bethu isiphenduke isidleke sikathekwane, inhlekisa uqobo lwayo.

Emakhaya ethu izindlu zitshekile, ziyadilika,

sekuphenduke amanxiwa sidla anhlamvana.

Amaphupho ethu Ashabalala sibhekile.

Zwela Thixo!

Ungasiyekeli Bab’osezulwini.

Hlelemba amagebhegebhu, uvul’indlela,

Ingani wavul’ indlela ehlane.

Ingani wavul’indlela elwandle.

Nakalokho Thixo usangakwenza kwesethu isizukulwane.

Ungavumi namaphupho ethu akhazimulayo ayolal’ emalibeni.

Zwela Thixo!

Usal’usuphendula imikhuleko yabazali bethu,

Ukhongozele nalezo zinyembezi, abakulilela zona bethandazela impumelelo yethu.

Bayasindwa, baxhalabile, kodwa noma kunjalo

Amehlo ethu ajonge kuwe Thixo.

Nguwe impendulo, nguwe ongasisula izinyembezi.

Ikusasa lethu likuwe.