Nkosi thel’umusa
Isizwe siyakhala
Siyafa ngububha
Impilo inzima akukho lula.
Balala bengadlile
Bavuka belambile
Isimo sibucayi
Kuloya muzi kudliwa imbuya ngothi
Ikati lilele eziko
Umtwana udinga usiko
Indlu iqala ukuwa
Isimo sinzima, akukho lula.
Abazi benzenjani
Isikole sidinga imali
Ubaba akasebenzi
Imali yeqolo iphelela ekudleni.
Akusafani nakudala
Amatoho awasabonwa
Ngisho nabafundile abasaqashwa
Abantu sebekhathele ukufesa.
Izikhathi zishintshile
Izimo zixakile
Abafundile bahleli emakhaya
Abanemali bayasebenza
Abaqashi abasamthathi lo onolwazi
Sebethatha lo onemali.
Akusabalulekile ukuthi wazini.
Okubalulekile ukuthi unamalini.
Nkosi thel’umusa
Isizwe siyakhala
Siyabhubha ngenxa yobubha
Impilo inzima akukho lula.
Abanye balala bengadlile
Abanye liyaphela iviki bengadlile
Baziduduza ngokuthi alikho ithuna lendlala.
Abanye sebesizwa yikona ukunana.
Abasiphethe bagombela kwezabo.
Bakhohliwe ukuthi isizwe sibheke bona.
Kanti thina siyomthola nini umholi wangempela.
Umholi oyokwazi ukubeka isizwe phambili alethe ushintsho.
Nkosi sikelela i-Africa.
Yizwa imithandazo yethu.
Iminyaka iyahamba asiluboni ushintsho.
Kunalokho umonakalo uyanda.
Nkosi thel’umusa
Isizwe siyakhala
Sesikhathele thina ububha
Abanye bethu sebekhethe ukufa
Impilo anzima akukholula.
Siyathemba ngelinye ilanga kuzolunga.