Inhliziyo yam ingiholela ophathe
Ifuna ngenze okuzongikhalisa ekugcineni.
Abazali bam bangeluleka imihla namalanga
Kodwa yona ithi ngingabaleleli.
Ithi angibatshele ngangingekho ngesikhsathi sabo
Noma kwakungelula ngoba ngizalwa yibo.
Ingishiya nginombuzo ongenampendu
Othi kuyenzeka yini ingane ilingane nabazali?
Ngibabonile abangaphambili beshabalala
Ngokungalaleli abazali boba bebayala.
Zibothokile ziphelile ingane zakwethu
Utshwala buziphendula amakhehla angemakhehla.
Bagonile odadewethu ungafung’baphezibham
Abasabonwa nangokhalo ababazalisa.
Zingcole zedlula ngisho uhlanya ingan’zobaba
Ungafunga zikhand’moto kanti zizidakamizwa.
Ngizobangcono ngani mina
Uma ngingafundi isifundo kubo na?
Kungani nhliziyo yam ufuna ngiphenduke
Ngibe isaliwa kutshelwa son’sibonwa ngomopho?
Ngiyeke ezandleni zabazali bam
Ngingabi uhamba juba bayok’qhutha phambili.
Izindlebe zam azingaphenduki amagwagwa nje
Angenamsebenzi adle ngokuhlobisa.
Ngiphe nam ithuba lokukhuza
Ngithethise nam ngikhuzekile.
Ungangenzi ihlongandlebe
Elizoba inkalankala engafunekufuzwa.
Bavumele abazali bam bab’yisibuko
Nam ngibe yisibuko kwezam’ngane.
Umthathi azale umthathi
Angawuzali umlotho njengama hlalakhona.