NGIDINGA IKHAMBI

Ngisizeni ngingodidekile angsazi ngenzenjani.

Akwendluli lokhu sengibasathe ngyapaquza ayi phinde akwendluli enhlinzweni nasemqondweni.

Nobuthongo angisabulali ngithatha ngibeka ngenqondo.

Yebo icala ngyalazi futhi sobe ngaliphika ngimubulele umntanami.

Yebo isono asiguquki simile njalo.

Kwanembeza ungishaya kakhulu mangingeka ngathi ngithatha isipunu ngisifakemlonyeni.

Yaz ngivele ngicabange kazi ukuphi udlani yena.

Angsaphathi eyokugqoka ngiyazibuza kungabe unethwa izimvula?

Okokugqoka khona kungabe lishaye nyameni ilanga?

Kazi amakhaza wona phela ngyazi akagqokile.

Ngyazi akanagama ungolahliwe.

Ikhambi engilindingayo akulona elokuthi ngikhohlwe nelokungiphilisa.

Ngidinga ikhambi elizomvusa yena uqobo aphile.

Ngisho umntanam engamkhipha esengamanzi ngingazi ngizomondla ngani.

Engani savumelana noyise wakhe ngokuthi asimphuce ukuphila engaliboni nhlobo ilanga.

Futhi engabi nagama nasibongo ahlale endaweni emnyama.

Bakwethu ngiyalidinga ikhambi elingenza avuke aphile njengezinye ingane.

Yebo angnalutho koda ebengagqoka , adle afunde njengezinye ingane.

Ngyavuma ngamukhipha koda ngiyazisola kakhulu.

Ngidinga ikhambi elingamubuyisa aphile ngikuthole ukuphumula enhlizweni yam.

Siphele isililo semihlangemihla emqondweni wami.

Ngikwazi ukusifaka isipunu emlonyeni siphume singenalutho, ngihlafune ngingwinye nami.

Ngidinga ikhambi lokumvusa bakwethu.

IBHALWE UMAKHOSI SHWALA